I-THEKU LITHATHA INDAWO EPHAMBILI NJENGOBA KWETHULWA INYANGA YEZOKUVAKASHA KA-2026


Intatheli: Norma Duma
Idolobha laseThekwini belungundabamlonyeni ngesikhathi uNgqongqoshe Wezokuvakasha, uPatricia de Lille, ethula ngokusemthethweni inyanga yezokuvakasha (Tourism Month) eThekwini.
Inyanga kaSeptember yaziwa njengenyanga yezokuvakasha kwikhalenda laseNingizimu Afrika. Inhloso yokubambela lesithangami eThekwini, yize inyanga yezokuvakasha izobungazelwa eLimpopo, ngesikhathi ethula inkulumo yakhe uNgqongqoshe uchaze iTheku njengendawo engahlanganisa ngempumelelo amabhizinisi, ezokuvakasha, ukutshalwa kwezimali kanye nolwazi lwamasiko.
ITheku seliqinisekisiwe njengedolobha elizosingatha i-Travel Indaba yase-Afrika kusukela ngo-2026 kuya ku-2030, kulandela inqubo kazwelonke yokuncintisana eyaqaphela ingqalasizinda yedolobha, ukulandelela umlando kanye nokuma kwamasu emnothweni wezokuvakasha waseNingizimu Afrika.
Njengamanje leli dolobha liphethe uhlelo lokuxoxisana kwezifunda nezamabhizinisi, elihlinzeka ngamathuba okungagcini nje ngokukhombisa ingqalasizinda yezingqungquthela nemicimbi esezingeni lomhlaba, kodwa nezinto ezehlukene ezenza iTheku libe yindawo ephoqayo.
Njengengxenye lochungechunge lwezingqungquthela nezenze ukuthi le Media Launch ibe seThekwini, inkomfa yeSADC ehlanganisa izicubuthwane, ongqongqoshe kanye nezinhloko zamazwe.
Njengendawo ehamba phambili yaseNingizimu Afrika egudle ugu kanye nenqwaba yemicimbi emikhulu, izingqungquthela nemibuthano yamabhizinisi, iTheku lisaqhubeka nokuheha izivakashi, izithunywa kanye nokutshalwa kwezimali, kuyilapho likhombisa okuhle kakhulu kwezwe ezimakethe zasekhaya nezamazwe ngamazwe.
Ukuvakasha kukaNgqongqoshe kuphinde kuqinise isikhundla seTheku njengendawo engahlanganisa ngempumelelo amabhizinisi, ezokuvakasha, ukutshalwa kwezimali kanye nolwazi. Ungqongqoshe uthe uma eza eThekwini akahambi engawudlanga ukhari wakhona, uthe iyona into asuke eyilangazelele uma eseThekwini, kusho uNgqongqoshe.
ITheku belibophele ngesihlabani esaziwayo ngokusingatha Fact Durban Rocks, uDJ Tira. Ungene esiteji kwadansa ngisho uNgqongqoshe, kanti neLimpopo nayo ize nesayo isihlabani esasizwe umhlaba wonke nesaduma ngeculo elithi “John Cena”, uSho Madjozi. Wenze ezibukwayo esiteji, kuthe kusenjalo wakhipha ishibhelane esikhwameni sakhe, wakhetha abantu besifazane abambalwa ukuba bagqoke ishibhelane bese beyadansa. NoNgqongqoshe naye wathola ithuba lokuba afake ishibhelane adanse. Kube sekukhethwa odanse kahle kubo bonke. Lo mdlalo omuhle ukhombisa ukuthi lesi sifundazwe saseLimpopo sesikulungele ukusingatha izihambeli kanye nezivakashi ukuzogubha inyanga yezokuvakasha ngomhlaka 27 September 2026.
