
Intatheli: Msawenkisi Mpofana
Kuthe lapho umashi uya ngasekupheleni, kusuke isidumo esikhulu ngesikhathi umethuli wezinhlelo (u-MC) ebiza izikhulumi ebezihambele lo mbuthano. Kuthe lapho kubizwa uMeya weTheku, uMhlonishwa Cyril Xaba, isixuku samemeza ngazwi linye sithi, “ASIMUFUNI LOWO!”
Kube sekucaca ukuthi bekuzochitheka okugayiwe uma engase anikwe ithuba lokukhuluma nalesi sixuku sabamashi. Lokhu kwenze ukuthi, ngesikhathi eseyosayina incwadi yezikhalo (imemorandamu), avele akhulume ngaphandle kokubingelela, aqinisekise nje ukuthi uyayisayina manje. Ngaleso sikhathi, wonke umthimba ubumemeza ngezwi elikhulu uthi, “ZULU!”

Komele impela balilungise itheku ngale kwalokho inyawo zogcwalaudaka
Kanti lapho abantu sebekhombisile intukuthelo yabo ngokubuka izinto eziningi ekumele ngabe ziyalungiswa kodwa kungathi azinakiwe