
Intatheli: Brian Ngcobo
Usephefumulile uyise kaNaledi Aphiwe uMusa Nyongwane, uphawula nje ngemuva kokuthi sekusuke omkhulu umsindo ezinkundleni zokuxhumana.
Isihlabani somculo esisencane uNaledi Aphiwe nosekuyinhlala vukela ukuba sematheni ezinkundleni zokuxhumana ngokungaziphathi kahle kwakhe. Kubikwe ukuthi uNaledi Aphiwe ukhwele wadilika kuSpikili nowaziwa kakhulu nongumculo kaMaskadi ne-Afro Pop.
USpikili ubejwayele ukuthi enze ama video encokolise uNaledi emubiza “mamaaah”, lokho akuhlalanga kahle ku Naledi. Ube esekhombisa ukucasuka wagasela ezinkundleni zokuxhumana washiya angalazi.
USpikili ube esezibona lezinkulumo wabe esexolisa ku Naledi, ube eseveza ukuthi yena ubengaqondile okubi. Akabanga esapholisa maseko lensizwa Ibe isiveza isinqanda mathe sakhe u Aisha Dlamini. Nebala abalandeli bakhwele badilika kwikhasi lika Naledi, babe sebengcofa lomculi ongu Naledi. Abangcinanga lapho abalandeli, babe sebeqhathanisa u Aisha noNaledi. Abanye besho bethi isikhuni sibuye nomkhwezeli njengoba naye uNaledi ubenakho ukuba ngcofa ezinkundleni zokuxhumana.
Ubaba kaNaledi uphefumulile naye ngalolodaba luka Naledi no Spikili. Ugcizelele wathi uke wake wamfonele undodakazi wakhe emuxhwayisa mayelana nendlela abhala ngayo ezinkundleni zokuxhumana. Uthi uAphiwe naye uyakudinga ukwesekwa yize enawo amaphutha.
Eqhubeka nenkulumo, uthe ngisho esasebenza noSisi Londy wayefona yena ku Londy ebuza ukuthi uyaye azibheke izinto ezibhalwa uNaledi ngaphambi kokuba azifake ezinkundleni na. ULondy waphendula wathi uNaledi mudala ngokwanele ekutheni atshelwe okumele akubhale. Uyise ka Naledi uzwakalise ukukhathazeka ngendodakazi yakhe uthe ” kubuhlungu kakhulu ngoba usemncane lomculi usadinga nokuba seduze nabazali.Isimo abhekene naso uNaledi angifisi simphinde ngendlela esimhlukumeze ngaso” kusho uBaba kaNaledi.
