
Intatheli: Norma Duma
Oqokelwe isikhundla sokuba IMeya ye-DA eThekwini Haniff Hoosen uhole izakhamizi zase Pinetown ku ward 18 kumbhikisho obunokuthula, 10 September 2026. Lombhikisho ubuphambi kwama hovisi omnyango wakwa Water and Sunitation. Inhloso yalombhikisho ukuzwakalisa ukukhathazeka ngokuntuleka kwamanzi e-Thekwini. UHossen uphinde wathula uhlelo lwakhe Lokubuyisela Amanzi, ngokuzibophezela ukuhlinzeka ngamanzi, ompompi abaphuma amanzi, hhayi indaba yamathangi amanzi.
Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe eyibhekise kumalunga e DA kanye nezakhamizi zase Pinetown uHossen uthe abasabuthembi ubuholi buka Ednick Msweli oyinhloko yakwa Water and Sunitation, uqhube wathi “angisiboni isindingo sokunyuselwa umholo kuka Msweli ngezigindi ngoba ayikho into ayenzayo la e-Thekwini, izakhamuzi sintula amanzi, izitamkoko ziqhuma mihla malanga kodwa unyuselwa umholo. Izakhamizi zifanelwe amanzi ahlanzekile kompompi bazo, ingqalasizinda esebenzayo noHulumeni ohlinzeka ngezidingo nezinsiza emphakathini “kusho uHossen.
Lolu hlelo uHossen alimemezele luhlongoza ukutshala imali engekho ngaphansi kwezigidigidi eziyishumi zamaRandi kwingqalasizinda yamanzi e-Thekwini, kunokuqhubeka nokuthembela emathangini amanzi njengesixazululo sohlelo oluhlulekayo.
Oka Hossen ubesenxenxa abavoti ukuthi bakhethe futhi bathembele kubuholi be DA njengoba ethe
sekuyisikhathi sokuthi itheku lisebenze futhi.
