19 October, 2026
1 min read

UNgqongqoshe Khawula Wamukela Ukumenyezelwa Kwenkudla Yase-Curries Fountain Njengendawo Yamagugu Esifundazweni

Intatheli: Nomthandazo Magoso EThekwini mhlaka, 9 September 2026, uNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko uMhlonishwa uMntomuhle Khawula wamukele ngenjabulo enkulu ukumenyezelwa kweNkundla yezemidlalo yase-Curries Fountain eThekwini njengendawo yamagugu esifundazweni ngokomthetho we-KwaZulu-Natal kanye ne-Amafa and Research Institute. Lokhu kumenyezelwe yi-Amafa and Research Institute ukuqinisekisa ngokusemthethweni ukuthi i-Curries Fountain iyindawo enokubaluleka okukhethekile kwezomlando, amasiko kanye nenhlalo kubantu ba-KwaZulu-Natal nakubant […]

1 min read

Kufezeke iphupho lika Mayoghurt

Intatheli -Brian Ngcobo Umculi kaMaskandi uMayoghurt uthi kufezeke iphupho lakhe ngokuthi abe nomcimbi ngo mhlaka 05 Dec kulonyaka. Kusukela esakhula belokhu enalo leliphupho lokuthi enze imicimbi. Kulomcimbi uthi ubophele kakhulu njengoba ewenzele lapho ezalwa khona (Umzimkhulu). Ukudalulile ukuthi abaculi abasakhasa angeke abashiye ngaphandle ngoba naye akavelanga wabala ekhona. Kepha kungenxa yokuthi wanikezwa ithuba kwase kuba […]

1 min read

AMEHLO AGCWALE IZINYEMBEZI ZENJABULO OWOKHOLO ETHOLA ESIPHO ESESITEJI.

Intatheli. Musawenkosi Mpofana Kubukeka izinga labaculi emzansi likhuphuka ngamandla ukunakekelwa nokwelekelelwa izinkampani ezizimele kanye nemindeni yabo. Omculi wokholo owaziwayo uMelusi Mbokazi uzihlomulele ngesipho sesithombe esinobuso bakhe ngomgqibelo lo esibuya kuwona, sivela kusinqanda mathe sakhe uNkosikazi N Mbokazi eseSteji. Indlu ibinyakaza ecula ingoma yakhe azenzela ngayo udumo ethi “AZophela Amaqhinga” okuyilapho ingoma ithe nqamuka uNkosikazi wakhe […]

1 min read

Kusuke esikhulu isidumo kuxabana isihlabani sikamaskadi nomphathi wohlelo

Intatheli: Brian Ngcobo Lomcimbi ubuwenzelwe esifundazweni sase Mpumalanga kulempelasonto esibuya kuyongoMgqibelo 6, September 2026. Lomculi u Quality Biyela unqabe ukuphuma stage yize sekuphele isikhathi sakhe.Nayilaphoke oka Biyela ephendule sakucikeka ethi umcimbi akuwona oka Modelkazi kepha oka Nkulunkulu.Ngemuva kwamahora ambalwa lomculi uye wayoxolisa kubalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana. Kanti lolu xolo lwakhe alwehlanga kahle kwabaningi lokuxolisa kwakhe, […]

1 min read

UFlash Mystro ubuyela esigcawini ngemuva kwengozi

Intatheli: Brenda Gumede Umculi we-Hip Hop waseMlazi kwa L, uFlash Mystro, usekulungele ukubonakala emphakathini, uzobonakala okokuqala esidlangalaleni selokhu aba sengozini yemoto mhla zimbili kuNcwaba 02 August 2026. UFlash uzobe ekhona kwi-Umlazi Hip Hop Culture ngoMgqibelo, mhlaka-12 September 2026, lapho ezohlangana khona nabalandeli bakhe, abaculi kanye nomphakathi we-Hip Hop. Lomculi walaliswa esibhedlela ngemuva kwengozi, kodwa manje […]

1 min read

Imvula iphoqe kuhlehle umcimbi obubhekwe ngabomvu.

Intatheli: Brian Ngcobo Lomcimbi beku zothulwa i-album ka-Mzukulu kaShafuza, ungena kanjalo neqembu ushuni wasemzini.Bekulindeleke izulu lingabi nemvula osukwini ngenxa yokuthi lilokhu layiqala ngolwesihlanu liyidliva. Kube sekuphoqa ukuthi umcimbi uhlehle ngenxa yalesisimo sezulu esingabanga sihle. Omunye wabahleli balomcimbi uKissbefore, nesingakwazanga ukuxhumana naye sizwe ukuthi njengoba uhlehlile umcimbi, mhlampe basinikeze ukuthi usuyoze uhlelelwe luphi usuku. Izinkumbi zabantu […]

1 min read

Indumezulu yekhonsathi yokuvala inyanga yabesimame

Intatheli: Brenda Gumede I-Female Liberators Training and Skills Development Center okuyinhlangano esiza abesifazane abaphila ngabodwana abanganalo usizo lobaba isungulwe ngonyaka ophelile kuMfumfu (2025) isungulwa uAnele Ngubo kanye nabasizi bakhe abangamashumi amabili nambili, ibungaze abesifazane abakhulisa abantwana ngabodwa yaphinde yagqugquzela omama babantwana abaphila nokukhubazeka ukuthi ababodwa njengoba bekuveze loku njengomsebenzi ongelula ukunikeza uthando kulabantwana. Lomcimbi ubuhlelwe […]

1 min read

IKABAWO PERFORMING ARTS ACADEMY IZOBHUNGA AMAGUGU NGOMKHAKHA OMKHULU WESHASHALAZI YENTSHA

Intatheli: Norma Duma Durban I-Ikabawo Performing Arts Academy, okuyisikole sesimanje esineminyaka engaphezu kweshumi sithuthukisa amathalente, sikhiqiza umculo futhi sithuthukisa ezobuciko beshashalazi, izogubha i-Heritage Month ngendlela ekhethekile kulo nyaka. Lesi sikole esihlonishwayo sesikhiphe amathalente amaningi avele adume umhlaba wonke, futhi sisebenze kakhulu namaqembu eshashalazi asemalokishini, amaqembu omdanso kanye nabaculi kulo lonke elaseNingizimu Afrika. Njengxenye yokugubha impumelelo […]

1 min read

I-Cebolethu Crown Gospel Awards imemezela usuku lwemiklomelo kanye nokuvalwa komsebenzi wokuqoka

Intatheli: Thobeka Khumalo Bekunesidlo sasekuseni nakuyilapho bekubungazwa khona bonke abake bahlomula kwi Cebolethu Crown Gospel Awards. Lokhu kuvezwe ngu Bishop Nkambule ehambisana ne Cebolethu, bememezela usuku lwama awards nokungumhlaka 15 November 2026 khona la eThekwini. UBishop uphinde wagqugquzela bonke abanezifiso zokufaka izicelo zokungenela ama awards, noma abafisa ukuqoka labo baculi abayimfivilithi, ukuthi baphuthume ngoba kuyavalwa […]

1 min read

Uzichithile izinsolo zokungawumemi umndeni wakhe owomculo wokholo obegcagcelwa

NguIntatheli: Brenda Gumede UAyanda Ntanzi Uphike Izinsolo Zokungazwani Nomndeni Wakhe Umculi wokholo odume kakhulu ngomcimbi wakhe omkhulukazi eThekwini i-One Man Show, uAyanda Ntanzi, uziphikile izinsolo zokungathelelani amanzi nomndeni wakhe okwenze waba undabamlonyeni emva kokugcagcelwa uMaZungu ngempelasonto mhlaka-22 kuNcwaba. UNtanzi uthi: “Ngiyingane kaBhekephi Hilder Ntanzi ongasekho, wendlu kaMapetshisi noMaThusi, nabo bobabili abangasekho. Umama wangishiya ezandleni ezinothando […]