IBASHIYE BEGCWELE UMOYA KANKULUNKULU INDUMISO KA-DUMI MKOKSTAD
Impela kuyiqiniso ukuthi into kaNkulunkulu uma ibekwe phezu kwakho akekho umuntu ongakuphuca yona. Mina impela ngize ngasola ukuthi uDumi Mkokstad ubuye ahlale nezingelosi. Bengiqala ukubona umcimbi unezihlalo kodwa kubukeka sengathi abantu bazidubile izihlalo bathi “THINA SIZE KU-DUMI LA, ASIZILE UKUZOQHETHA” Abantu kade begcwele kuvalwe ngomuntu emnyango endaweni yase ICC enkabeni yedolobha, okungenye yezindawo enkulukazi futhi […]
