I-Cebolethu Crown Gospel Awards imemezela usuku lwemiklomelo kanye nokuvalwa komsebenzi wokuqoka

Intatheli: Thobeka Khumalo
Bekunesidlo sasekuseni nakuyilapho bekubungazwa khona bonke abake bahlomula kwi Cebolethu Crown Gospel Awards.
Lokhu kuvezwe ngu Bishop Nkambule ehambisana ne Cebolethu, bememezela usuku lwama awards nokungumhlaka 15 November 2026 khona la eThekwini. UBishop uphinde wagqugquzela bonke abanezifiso zokufaka izicelo zokungenela ama awards, noma abafisa ukuqoka labo baculi abayimfivilithi, ukuthi baphuthume ngoba kuyavalwa mhlaka 4 September 2026.
Kumenywa abathandi bomculo wokholo ukuba bakhiphe leya ngubo kanokusho mhlaka 15 November kumcimbi we Cebolethu Crown Gospel Awards nokulindeleke ukuthi ube seqophelweni eliphezulu ngo kusho ku ka Bishop Nkambule.

