18 October, 2026
1 min read

UNaledi Aphiwe uthola ukwesekwa uyise.

Intatheli: Brian Ngcobo Usephefumulile uyise kaNaledi Aphiwe uMusa Nyongwane, uphawula nje ngemuva kokuthi sekusuke omkhulu umsindo ezinkundleni zokuxhumana. Isihlabani somculo esisencane uNaledi Aphiwe nosekuyinhlala vukela ukuba sematheni ezinkundleni zokuxhumana ngokungaziphathi kahle kwakhe. Kubikwe ukuthi uNaledi Aphiwe ukhwele wadilika kuSpikili nowaziwa kakhulu nongumculo kaMaskadi ne-Afro Pop. USpikili ubejwayele ukuthi enze ama video encokolise uNaledi emubiza “mamaaah”, […]

1 min read

Kubungazwe abantu besifazane abakhulisa abantwana ngabodwa kanye nomama babantwana abaphila nokukhubazeka

Intatheli: Brenda Gumede I-Female Liberators Training and Skills Development Center okuyinhlangano esiza abesifazane abaphila ngabodwana abanganalo usizo lobaba isungulwe ngonyaka ophelile kuMfumfu (2025)isungulwa uAnele Ngubo kanye nabasizi bakhe abangamashumi amabili nambili, ibungaze abesifazane abakhulisa abantwana ngabodwa yaphinde yagqugquzela omama babantwana abaphila nokukhubazeka ukuthi ababodwa njengoba bekuveze loku njengomsebenzi ongelula ukunikeza uthando kulabantwana. Lomcimbi ubuhlelwe eMlazi […]

1 min read

UVUKE OTHULINI OBELIBELE INYAMA YENHLOKO EMGWAQENI.

Intatheli: Musawenkosi Mpofana Kume nse ukuhamba kwezimoto enkabeni yetheku ngenkathi umlisa oneminyaka elinganiselwa ku(25) weminyaka eshayiswa ibhasi elincane (mini bus), kuzimpambano zomgwaqo uField street noBraimfisher ethekwin. Lesehlakalo senzeka ngesikhathi zantambama lapho isiminyaminya sezimoto nabahamba ngezinyawo sesiqalile. Umfana esingakwazanga kuthola igama lakhe ngenxa yesixuku, ubeseqa umgwaqo irobhothi libomvu, ephethe inyama yenhloko yenkomo igcwele isitsha. Uhlulekile ukugijima […]

1 min read

IMOTO BEZINTANTA EMANZINI KWINKABA YETHEKU.

Intatheli: Musawenkosi Mpofana Abantu eThekwin bebekhala ubumayemaye kuvimbanise emanzi emgwaqeni omkhulukazi u Anton Lembede owaziwa ngo Smith street. Kuqhume iPayipipi elikhulu elidabula lomgwaqo laphazamisa ukuhamba kwezimoto ezehlayo zibheke emakethe. Uma sisondela kwababeseduze kwenzeka bathi kuvele kwanokuduma okukhulu okuvale izindlebe, kuthe kungazelele kwaqhuma isiphethu samanzi esivalweni sesitamkoko savimbanisa umgwaqo. Lesibhedu senzeka ezintanta kuzokusa kube ulesihlanu mhlaka […]

1 min read

KUMPHAKATHI UQEQESHWA. NGOKUGUQUKA KWESIMO SEZULU

NguMusawenkosi Mpofana (Intatheli) Ziningi izindawo ezweni ezakhiwa kabusha ngenxa yezehlakalo ezibangelwa ukuguquka kwezimo zezulu. Kubikwa umonakalo omkhulu lapho kubalwa ukuguguleka kwezindlu amanzi, ukusha kwemizi nezimpahla okwenziwa umlilo. Ububi obukhulu ngenhlekelele ukulahlekelwa imiphefumulo nezinsiza-kuphila ezinjengomazisi nezitifikethi. Akukho namunye othandayo uma kwehle isehlakalo senhlekelele endaweni, kodwa umphakathi ngokubambisana nohulumeni awukwazi ukuyekelela ungenzi mizamo ukwelekelela labo abavelelwe. Okulindeleke […]

1 min read

Kubuye ithemba kwizisulu zezikhukhula

Intatheli: Norma Duma Umphakathi wakwaNongoma uyibone ngamehlo intuthuko ngesikhathi uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezindaba zoDabu (COGTA), uThulasizwe Buthelezi, evula izindlu ezilishumi (10) emindenini eyakhahlamezwa izikhukhula ngonyaka ophelile. Lemi ndeni eyishumi yakhelwe izindlu ezibuyisa isithunzi somuntu, njengoba yalinyalelwa amakhaya ayo ngezikhukhula zika-2025. Umnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezindaba zoDabu ube usungenelela, wasebenzisana nomnyango wezezinhlekelele kanye namakhosi nezinduna zendawo ukuze […]

1 min read

UMPHAKATHI WASEMLAZI KA-V, WARD 80.UKHALA NGENDLE EGINQIKA OBALA

NguMusawenkosi Mpofana Uwotha ubovu umphakathi waseMlazi ka-V ngenxa yamapayipi ahambisa indle aqhumile, lapho indle iziginqikela obala. Kuyashaqisa ukubona abahlali nezingane bephila ngaphansi kwesimo esinje, lapho ingqalasizinda ixegaxenga ngalolu hlobo oseluphenduke isigayigayi sokubeka izimpilo zabahlali engcupheni yokungenwa izifo kalula. Ezinohlonze zihambele umphakathi wakwa-V, sazithela kuzikhalazo zamalungu omphakathi acele ukuba amagama awo agodlwe ngenxa yokuvikela izimpilo zawo. […]

1 min read

Umphakathi wakwa Mashu uhlezi emanyaleni

Intatheli: Norma Duma Umphakathi waseSiyanda, KwaMashu, ungenelwa indle ezindlini. Iqembu le-Democratic Alliance (DA) eThekwini livakashele amalunga omphakathi aseSiyanda, ehholwa ngulowo oqokelwe isikhundla sokuba yiMeya ye-DA eThekwini, uHaniff Hoosen. Sinyantisa igazi isimo abantu baseSiyanda abahlala kuso, indle igiqika emangcekeni, njengoba sekuneminyaka lezi zakhamuzi zihleli kulolu bishi. UNksz Nomusa Mbatha oyisakhamuzi uthe izitamkoko ziqhuma mihla namalanga, uthe, […]