
Intatheli: Musawenkosi Mpofana
Abantu eThekwin bebekhala ubumayemaye kuvimbanise emanzi emgwaqeni omkhulukazi u Anton Lembede owaziwa ngo Smith street. Kuqhume iPayipipi elikhulu elidabula lomgwaqo laphazamisa ukuhamba kwezimoto ezehlayo zibheke emakethe. Uma sisondela kwababeseduze kwenzeka bathi kuvele kwanokuduma okukhulu okuvale izindlebe, kuthe kungazelele kwaqhuma isiphethu samanzi esivalweni sesitamkoko savimbanisa umgwaqo.
Lesibhedu senzeka ezintanta kuzokusa kube ulesihlanu mhlaka 28 August, aqhubekile ephuma kwaze kwaphakama ilanga, okuyila abasebenzi bomnyango wamanzi bengabonwa nangokhalo. Lokhu kwenzeka emveni kwezingxoxo ezingaphethanga kahle, lapho abasebenzi bomkhandlu ababhekelele ezamanzi (Water and Sunitation) bekhala ngamaholo abo amancane. Okusolakala ukubambezeleka kwabo kuzolungisa lomonakalo. Kuphe ama hora amaningi amanzi egeleza okuyinto engajwayelekile, ukudonsa komonakalo isikhathi esingaka, ikakhulukazi enkabeni yeTheku.
Lokhu kuveza ingqinamba umkhandlu obhekene nawo kwingqalasizinda. Okungezeka ubudala kwamapayipi nokuyi imbangela noma ubudedengu kwabangcine kuwalungisa. Umlando uveza ukuthi akuminyaka mingaki ubuvaliwe lomgwaqo kulungiswa lelipayipi. Ezinohlonze zizamile kufonela uMnuz Sakhile Ntulu oyilunga eliqavile emkhandwini ukulandelela lodaba wathi akekho eduzane futhi akakezwa kwenzakaleni ngoba ngokwazi kwakhe Ilona payipi elisanda kufakwa eminyakeni engadlulile kweyishumi (10 ).
Nithi sovota nje makunjena enkabeni yeTheku kumemeza ilunga lomphakathi ebelidlula bethelwa amachaphazelo amanzi, eshaywa amasondo ezimoto ezedlulayo. Abantu abaningi bebebukeka beshaqekile ilesigameko kwazise abanye bebevalelekile bengekwazi ukuwelela ngaphesheya. Lokho bekwenza bajikele ngasenhle bathole indawo yokuwela.
