1 min read

UVUKE OTHULINI OBELIBELE INYAMA YENHLOKO EMGWAQENI.

Intatheli: Musawenkosi Mpofana

Kume nse ukuhamba kwezimoto enkabeni yetheku ngenkathi umlisa oneminyaka elinganiselwa ku(25) weminyaka eshayiswa ibhasi elincane (mini bus), kuzimpambano zomgwaqo uField street noBraimfisher ethekwin.

Lesehlakalo senzeka ngesikhathi zantambama lapho isiminyaminya sezimoto nabahamba ngezinyawo sesiqalile. Umfana esingakwazanga kuthola igama lakhe ngenxa yesixuku, ubeseqa umgwaqo irobhothi libomvu, ephethe inyama yenhloko yenkomo igcwele isitsha. Uhlulekile ukugijima ngesivinini, ibhasi elincane liqhamuke ngesivinini, nalo lijahe ukweqa irobhothi lingakavali, lamushayisa umfana wawela phakathi nomgwaqo, inyama yasaphazeka umgwaqo wonke. Ababehamba naye baveze ukuthi wehlulekile kukushesha ngesivinini ngoba bevikela inyama abeyipheghe.

Okumangaze kakhulu ababehamba ngendlela, ukuphuza ukufika kwabosizo lokuqala. Umfana belokhu ezungezwe amaphoyisa kaMasipala belawula izimoto, baqhubeka nokufonela abosizo lokuqala. Umshayeli webhasi elincane owenqabe waphetha nemininingwane yakhe, ubelokhu esakhungathekile ehla enyuka nocingo esandleni naye efuna usizo nokwelekelelwa njengoba esehlelwe ilesehlakalo. Okunye okuvelile ukuthi ubehamba ngejubane eleqile kwelibekiwe.

Umfana ulimele kakhulu njengoba eshayeke ekhanda, ubesopha nengalo yakhe iphukile. Abosizo lokuqala bafike sekuphele ihora, umfana esalele phansi kodwa ephefumula. Ube esephuthumiswa esibhedlela, umshayeli wathathwa abomthetho bahamba naye.

Asihloniphe umgwaqo masiwela erobhothini sonke , abashayeli nabahamba ngezinyawo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *