18 October, 2026
1 min read

Invuselelo yeJesus Saves Crusade

Intatheli: Norma Duma Abaholi abasemzimbeni kaKristu abaholi bomoya bazibophezele ekuhlanganyeleni nasekusebenzeni ndawonye ukuze kudambiswe ezinye zezinkinga zomphakathi ezihaqe umphakathi we-INK (Inanda, Ntuzuma kanye ne-kwamshu). Inhloso ukuhlinzeka kokubili amandla angokomoya nezenhlalo kumalungu omphakathi we-INK. Njengoba sijutshwe yiNkosi, sikholelwa ukuthi iBandla linendima ebalulekile okufanele liyibambe ekubhekaneni nezinselelo ezibhekene nemiphakathi kanye nasekunikezeni ithemba, isiqondiso, ukwesekwa kanye nosizo kulabo […]

1 min read

OWESIFAZANE OTHWELE UMPHONGOLO WESIVUMELWANO SOKUGCINA.

Intatheli: Musawenkosi Mpofana Njengalokhu kwasentshenziswa owesifazane ensimini yaseEdeni kwangena ukufa nesono, umuntu wasuka endaweni uNkulunkulu ayemmise kuyo, kanjalo kuyakuvuswa owesifazane ukuze umuntu abuyele endaweni yakhe. Lamazwi ashiwo uMphostoli PS Nzaca evula insumayelo yakhe ngomgqibelo. Umndeni wakwaNyawose eMgungundlovu usuzakhele igama ngokusungula baphinde badidiyele iBafana Bafana (The Prayer Circle of Faith), la behlose khona ukuhlanganisa amalunga omkhuleko […]

1 min read

BEKUSINDWE NGOBETHOLE KWISIDLO SASEMINI EDWALENI

Inthatheli: Brenda Gumede Bekusindwe ngobethole ngenkathi igantsha lenkonzo iFaith Holly Messenger Church elaziwa ngeDwala lihlele umcimbi wokubungaza abesifazane abakhonza kulo. IDwala igantsha lebandla iFaith Holly Messenger Church ezinze eMlazi esigcemeni sakwa-E, ngaphansi kukaBaba mfundisi uSifiso Mngadi kanye nonkosikazi wakhe uMpume Mngadi, banekhaya kwaMashu. Leli gantsha belihlele indumezulu yomcimbi wesidlo sasemini ukubungaza omama kanye nentsha yesifazane […]

4 mins read

Abazenkolo bakhalela kukhululwe isiboshwa

Intatheli: Norma Duma Njengoba Abaholi be-SADC Bebuthana eThekwini, Bangaphezu kuka-250 Izingqungquthela Ezizungeze Ukuboshwa Komakadebona Wempi Yeminyaka engu-95 Kanye Nombuzo Obanzi Wobulungiswa UNgqongqoshe wezangaphandle waseSeychelles kanye nenxusa le-DRC bajoyina abaholi bezifunda ukuze bathole inkhulumomphendvulwano yezinga eliphezulu ngamalungelo okuqulwa kwecala ngendlela efanele, inkululeko yezenkolo, kanye nokwethenjwa kwesikhungo. Kube nomhlangano nge-13 Agasti 2026 e-The Station ukuzobhunga ngezindlela zokuthi […]

4 mins read

Kusungulwe Umfelandawonye Wabaholi BaseNingizimu Ne-Afrika Ozolwela Inkululeko Yezenkolo

Intatheli: ngu-Noma Duma Njengoba ingxoxo yamazwe ngamazwe iqhubeka nokukhula, abaholi nezinhlangano ezingaphezu kwekhulu sezisekele lolu hlelo olusha lwesifunda, njengoba ukukhathazeka ngokuboshwa kukaSihlalo u-Lee Man-hee kuvusa ingxoxo ebanzi ngobulungiswa, isithunzi sobuntu, kanye nenkululeko yenkolo. EThekwini, eNingizimu Afrika — umfelandawonye osanda kusungulwa obizwa nge-Southern African Leaders Coalition for Faith, Freedom and Justice (SALC-FFJ) usuthole ukwesekwa ngabaholi bezenkolo, […]

1 min read

AMA-COWBOYS EZESAYONI AGCOKAMA ENKONZWENI YABANTU ABASHA EBISEGOLI!

Intatheli: Sbusiso Mkhize EGOLI – Kube yisicitho esiyingqayizivele eGoli ngesikhathi ibandla le-Trust in Christ Ministries libamba inkonzo yabantabasha ebibanjwe ngaphansi kwesihloko esithi “Cowboys and Cowgirls”. Lomcimbi, oholelwe yisithunzi somculi wamaZayoni osaziwayo emhlabeni jikelele njenge-ICON, u-Apostle Prof Vusi Gama, ubonge wonke umuntu obekhona. Izithombe ezisatshalaliswa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana, ezibalwa nalesisithombe esimangalisayo asifakiwe kwiphephandaba lethu, sibonisa umoya […]

1 min read

IZIMPI ZOHAMBO LWENKOLO YOBU-KRISTU: Uhambo olubuhlungu lwalowo okhule engenabo abazali nomluleki empilweni

Ukuhamba uhambo lwenkolo nobu-Kristu kunesisindo sakhona esikhulu, kodwa kuba nzima kakhulu uma lolu hambo uluhamba uwedwa, ungenaye umzali noma umluleki ongakuqondisa ngezikhathi zezivunguvungu zempilo. Lona ngumlando obuhlungu ovusa umunyu walowo obhekane nengqinamba yokukhula ngaphansi kwezimo ezinzima zomndeni nomnotho, kodwa namanje osalwa izimpi zokomoya nezempilo. Ukuphila kwakhe kube yinkundla yezimpi kusukela eseyingane encane. Umlando uveza ukuthi […]

2 mins read

KUVUTHE AMALANGABI ETHORWOOD HALL: INTSHA YAKWAZAYONI IVUSELELWE NGEZINGA ELIPHEZULU EMBUTHWENI WE-IZCG

Ubuhle Nokuhleleka Kwe-Poster Yomcimbi Uma ujulisa amehlo kwi-poster ebihambisa lo mshado wokomoya we-Izenzo Zamaphilip Church (IZC), ubona ubuchwepheshe nezinga eliphezulu kakhulu lokukhangisa (graphic design). Ukuhleleka kwezithombe zabashumayeli nabahloli bomoya, imibala eluhlaza egqamile emele ifulegi nebandla laseZayoni, kanye nokubhalwa kwemininingwane ngendlela ecacile, kushiye umyalezo wokuthi lo mbutho bewungesona isiponji nje esijwayelekile. I-poster idale isithombe somcimbi ohloniphekile, […]

1 min read

Owebandla Izwi Lokuphila, Uthweswe Iziqu zobudokotela

Umbhishobhi ohola ibandla laseZayoni eselisabalele ezindaweni eziningi kwisifundazwe sakwaZulu Natal uthweswe iziqu zobudokotela yiKolishi eliham ba phambili emhlabeni wonke jikelele iHoly nation Bible College ezinze ePinetown. Esithombeni: UMbhishobhi SP Nxele kwesokudla  sakhe uNkosikazi wakhe uMrs T Nxele kanye nodade wabo kaNkz uSlindile Mkhize, kwesobu nxele isandla uMungameli uZulu kanye noMvangeli P Dube kube uMfundisi Nyawuza […]