

Inthatheli: Brenda Gumede
Bekusindwe ngobethole ngenkathi igantsha lenkonzo iFaith Holly Messenger Church elaziwa ngeDwala lihlele umcimbi wokubungaza abesifazane abakhonza kulo.
IDwala igantsha lebandla iFaith Holly Messenger Church ezinze eMlazi esigcemeni sakwa-E, ngaphansi kukaBaba mfundisi uSifiso Mngadi kanye nonkosikazi wakhe uMpume Mngadi, banekhaya kwaMashu.
Leli gantsha belihlele indumezulu yomcimbi wesidlo sasemini ukubungaza omama kanye nentsha yesifazane njengoba kuyinyanga yabesifazane ngomhlaka 16 August, khona kwaMashu emzini wakhe umfundisi uMngadi. Intokozo ibibhalwe emehlweni komama begantsha ngesikhathi uqhubeka umcimbi wokubabungaza, kanti akubanga izidlo nje kuphela, nezwi leNkosi alisalanga ngaphandle njengoba kuqalwe ngenkonzo.
Badlulise okukhulu ukubonga abekomidi lebandla ngesenzo salo leli gantsha ukugqugquzela omama, kanye nokwenza ukuthi ubumnandi bukhona nasenkonzweni bengaze beyobufuna ngaphandle, kanti babakhumbuza nokuthi babaluleke kangakanani emphakathini. Baphinde badlulisa izincomo nezibongo kumama nobaba umfundisi uMngadi ngokubamukela ngezandla ezifudumele ekhaya labo kwaMashu ngamazwi atholakala kumaHebheru eshumi nantathu vesi yesibili (Hebrew 13 v 2): “Ningakhohlwa ukungenisa izihambi, ngokuba ngalokho abanye bangenisa izingelosi bengazi.”
Le nkonzo ibithakaselwe omama, amavolontiya, udodana, kanye nobaba, nomakhelwane, nokugcinwa eNkosini. Bekukanyama ayipheli kuphela amazinyo endoda, njengoba izithebe ubelokhu ezenazo uNkosi, umfoka Ndelu, ongumphathi wabasha kulo leli gantsha elihlanganise uMlazi kanye neFolweni.
