19 October, 2026
1 min read

OWESUNDOWNS UCACISA NGABADLALI ABASHA

Intatheli: Sthembiso Ngobese UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, ucacisa ngabadlali bakamuva abasanda kusayiniswa yileli qembu lasePitoli eliphezu komkhankaso wokuvikela isicoco seCAF Champions League. Ngempelasonto edlule amaBrazillians, amemezele ngokusemthethweni abadlali abathathu abasha, okunguThabo Cele osuka kuKaizer Chiefs, Thabang Matuludi obedlala kuPolokwane City kanye noDeano Van Rooyen yena obegijima ku-Orlando Pirates. UCele udlala enkabeni yenkundla bese kuthi […]

1 min read

USHANDU UBONA ITHUBA LESICOCO KUDBN CITY

Intatheli: Sthembiso Shandu UMDLALI wasemuva kuDurban City, uBandile Shandu, ubona iqembu lakhe lisethubeni elihle lokuthi liphinde futhi likhale lemuke nesinye isicoco kusizini ka-2026/27 ngaphansi kwesigaba seBetway Premiership. UShandu ukhuza ibuya kuCity ebikade yaziwa ngeMaritzburg United kumasizini edlule. Kanti ujoyine leli qembu laseThekwini esuka ku-Orlando Pirates abesenqobe nayo izicoco eziningi kuBetway Premiership. Lo mdlali odabuka eMgungundlovu, […]

1 min read

Ama-Comets Anqobe i-Murray Cup Ka-2026

Intatheli: Nomthandazo Magoso eThekwini- Iqembu lebhola lomboxo (Ruby) FNB Emeris Comets lenze umlando ngesonto eledlule ngesikhathi linqoba okokuqala indebe ye-Castle Lager Murray Cup ka-2026 ngemuva kokushaya i-UKZN Durban ngo 55-12 enkundleni yase Mancosa Crusaders. Umdlalo wawudlalwa esimweni esinzima semvula nodaka, kodwa ama-Comets akhombise amandla amakhulu. Bawuvule umdlalo kahle ngemizamo kaDeano Boesak, uDenilo Jordaan noDaniel Ikotela, […]

1 min read

OWESAFA UZISHAYA ISIFUBA NGOMSEBENZI ASEWENZILE

Intatheli: Sthembiso Ngobese UMENGAMELI weSouth African Football Association (SAFA), uDkt Danny Jordan, uzishaya isifuba ngomsebenzi omuhle asewenzile ebholeni lakuleli. UJordan odabuka, eGqeberha, esifundazweni i-Eastern Cape, ukusho lokhu ngemuva kokunqoba ngamalengiso ukhetho lwesikhundla sikaMengameli weSAFA obelungempelasonto edlule, e-Midrand, e-Goli. Kanti uJordan ubebanga lesi sikhundla noSandile Zungu onguMengameli wamaZulu FC agijima kuBetway Premiership. Sekungumlando ukuthi uJordan unqobe […]

2 mins read

UJOMO UNCOMA I-SAFA NGOKUQOKA U-PITSO

Intatheli: Sthembiso Ngobese. Owayengumqeqeshi weBafana Bafana eminyakeni edlule, u-Ephraim “Jomo” Sono, uncoma iSouth African Football Association (SAFA) ngokuphinde inikeze elinye ithuba uPitso “Jingles” Mosimane lokuthi acije iBafana. Emasontweni amabili edlule, i-SAFA imemezele uMosimane njenqomqeqeshi omusha weBafana Bafana , kanti uthatha izintambo kuHugo Broos odabuka eBelgium yena obesecije leli qembu lesizwe iminyaka emihlanu. Kuzokhumbuleka ukuthi uMosimane […]

1 min read

UYAZETHEMBA NGOKUNQOBA UKHETHO LWESAFA UZUNGU

Intatheli: Sthembiso Ngobese UMngameli wamaZulu FC, uSandile Zungu, uthi ugcwele ukuzethemba okukhulu ekudleni umhlanganiso uma ngoMgqibelo sekukhethwa ubuholi obusha kuSouth African Football Association (SAFA). Ukhetho lweSAFA okuyinhlangano esingethe ibhola kuleli luzobanjelwa, e-SAFA House, eNasrec, eGoli. Kanti kulolu khetho kulindeleke ukuba kube yizinkani zababili phakathi kukaManzini kanye noDkt Danny Jordaan okumanje nguyena oqhoqhobele lesi sikhundla sikaMengameli […]

1 min read

UZENZILE TUMELO PHEKO UQOPHE UMALANDO NGOKUNGQOBA UMJAHO WEBANGA LIKA-10KM

Intatheli: Nomthandazo Magoso Tshwane, eCurro Hazeldean, Pretoria-East – 5 September 2026 lapho kubanjelwe khona ASA Cross Country Championships Umgijimi ohlonishwayo wakwa Boxer AC, uZenzile Tumelo Pheko, uqophe umlando omusha ngemuva kokunqoba umjaho wabasubathi wabobonke abesilisa abadala kwibanga lika -10km kuma-ASA Cross Country Championships obebanjelwe eCurro Hazeldean, ePretoria-East, Tshwane. Lo mqhudelwano kazwelonke, obubanjwe ngoLwesihlanu mhlaka 5 […]

1 min read

UDladla usola ukudideka kwabadlali ngokushaywa kwe-Arrows

Intatheli: Sthembiso Ngobese UBONA bedidwe yimithetho yomqhudelwano weMTN 8 abadlali bakhe, umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uPitso Dladla ngemuva kokuba bekhishwe kulo mqhudelwano yiMamelodi Sundowns emdlalweni womlenze wesibili wamaSemi-final obuseKing Zwelithini Stadium, eMlazi ngempelasonto. Emdlalweni wangempelasonto iSundowns inqobe ngo 3-2 wamagoli ashaywe nguCassius Mailula, uMarcelo Allende no-Antonio Van Wyk. Kanti awe-Arrows wona abekwe enethini nguJunior Dion […]

2 mins read

UWillie Mtolo – Kusukela ekuhlukanisweni kwezemidlalo kuya ekubeni ingwazi ethola i-Green Jacket ehloniphekile

Intatheli Norma Duma Igama lika William Bhekizizwe Mtolo alidingi chaza eliningi emhlabeni we-athletics eNingizimu Afrika. Ungomunye wabasubathi abakhulu kakhulu esake saba nabo, indoda eyayijima ngenhliziyo enkulu ngenkathi izwe lisavaliwe emhlabeni. UWillie Mtolo wazalwa ngo May 5, 1964. Waziwa njengomncintisani we-marathon owayedume kakhulu, owake wawina i-New York Marathon futhi waba ngowesibili kabili ku-Comrades Marathon. Impilo yakhe […]

2 mins read

U-Ouaddou uncoma abadlali abasha beOrlando Pirates

Intatheli: Sthembiso Ngobese UMQEQESHI we-Orlando Pirates, u-Adeslam Ouaddou, uthi uhlabeke umxhwele ngebhola elinenkosi phakathi elikhonjiswe ngabadlali bakhe abasha abasanda kujoyina eZimnyama kusizini ka-2026/27. U-Ouaddou odabuka eMorocco, ukusho lokhu ngemuva kokuba iPirates izibekisele indawo emdlalweni wamanqamu womqhudelwano weMTN 8. Kanti leli qembu lase-Orlando likwenze lokhu ngokuguqisa emdlalweni wamaSemi-final iSekhukhune United ngo 3-0 e-Orlando Sports Arena, eSoweto, […]