
Intatheli: Sthembiso Ngobese.
Owayengumqeqeshi weBafana Bafana eminyakeni edlule, u-Ephraim “Jomo” Sono, uncoma iSouth African Football Association (SAFA) ngokuphinde inikeze elinye ithuba uPitso “Jingles” Mosimane lokuthi acije iBafana.
Emasontweni amabili edlule, i-SAFA imemezele uMosimane njenqomqeqeshi omusha weBafana Bafana , kanti uthatha izintambo kuHugo Broos odabuka eBelgium yena obesecije leli qembu lesizwe iminyaka emihlanu.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMosimane ongomunye wabaqeqeshi abahlonishwayo lapha ezwenikazi i-Afrika, ukhuza ibuya kuBafana njengoba agcina ukuyiqeqesha ngo-2012 kanti ngaleso sikhathi izinto azimhambelanga neze kahle kwazise phela wehluleka wancama ukufaka iBafana emiqhudelwaneni emikhulu okukhona kuwo i-FIFA World Cup kanye ne-CAF African Cup of Nations (AFCON).
USono naye owayenza umsebenzi oncomekayo kuBafana Bafana ngezikhathi zakhe uthe, siyajabulisa kakhulu isinqumo seSAFA sokuthi iqoke uMosimane esikhundleni sokuba umqeqeshi weBafana Bafana.
“UPitso usekhombise kaningi ukuthi ungumqeqeshi osezingeni eliphezulu kakhulu nokufakazelwa yimisebenzi yakhe emihle futhi encomekayo aseyenzile ebholeni lakuleli. Ngakho-ke bekumfanele impela ukuthi anikezwe lo msebenzi. Ngisishayela ihlombe elikhulu isinqumo esithathwe yiSAFA.
Ngiyazi ukuthi abanye bathi uyazitshela njengami kwesinye isikhathi, kodwa-ke ukuzitshela kubuye kusize ikakhulukazi lapha ebholeni laseNingizimu Afrika,” usho kanje uSono ohlonishwayo ngamagalelo akhe ebholeni lakuleli.
USono uqhube wathi, ”ukuzitshela noma ukuzazi kumayelana nokukholelwa kuwena uqobo lwakho ungumuntu, yingakho nje uPitso esezuze izinto eziningi kabi ebholeni lakuleli kanye nasezwenikazi lalapha e-Afrika imbala,ungumuntu futhi ongaqedwa amandla ngokuhlale ethola ukugxekwa akuthola ikakhulukazi kubalandeli bebhola bakuleli.”
Ngo mhlaka 26 kuMandulo uMosimane uzoqeqesha okukuqala iBafana Bafana uma isibhekene neGuinea emdlalweni wokuhlungela i-Afcon ka-2027. Kanti lo mdlalo uzodlalelwa kuleli enkundleni esazomenyezelwa.
Ngomhlaka ka-30 ngenyanga efanayo, iBafana Bafana izophinde ibhekane ne-Eritrea ekuhambeni. Bese igcina ngomdlalo wesihle ezowudlala ne-Egypt ekuhambeni futhi ngomhlaka 4 kuMfumfu.
Iqembu lesikhashana leBafana eliqokwe nguMosimane limi kanje:
ONOZINTI: Ronwen Williams, Sipho Chaine noRicardo Goss.
ABASEMUVA: Aubrey Modiba, Samukele Kabini, Fawaaz Basadien, Thapelo Morena, Kamogelo Sebelebele, Thabang Matuludi, Olwethu Makhanya, Khulumane Ndamane, Ime Okon, Lebone Seema, Nkosinathi Sibisi noTshepo Mashiloane.
ABASESISWINI: Teboho Mokoena, Lebohang Maboe, Cemran Dansin, Sphephelo Sithole noBrooklyn Poggenpoel.
ABAGADLI: Iqraam Rayners, Yanele Mbuthuma, Lyle Foster, Cassius Mailula, Puso Dithejane, Tashreeq Matthwes, Relebohile Mofokeng, Themba Zwane, Ronaldo van Neel, Thapelo Maseko, Tshepang Moremi, Luther Singh noShandre Campbell.
