
Intatheli: Sthembiso Ngobese
UMngameli wamaZulu FC, uSandile Zungu, uthi ugcwele ukuzethemba okukhulu ekudleni umhlanganiso uma ngoMgqibelo sekukhethwa ubuholi obusha kuSouth African Football Association (SAFA).
Ukhetho lweSAFA okuyinhlangano esingethe ibhola kuleli luzobanjelwa, e-SAFA House, eNasrec, eGoli.
Kanti kulolu khetho kulindeleke ukuba kube yizinkani zababili phakathi kukaManzini kanye noDkt Danny Jordaan okumanje nguyena oqhoqhobele lesi sikhundla sikaMengameli kuSAFA.
Ngesikhathi uZungu ekhuluma esithangamini sabezindaba abesebizile ngoMsombuluko, eSandton, khona belu eGoli. Uthe yena kanye nalabo asebenzisana nabo ekutheni angene emandleni kuSAFA, sebekwenze konke obekumele bakwenze ekutheni bagcine bedle umhlanganiso ngoMgqibelo.
Sesikwenze konke obekumele sikwenze ekutheni siphushe lo mkhankaso wokuthi ngoMgqibelo ibhola lakuleli libe nobuholi obusha kuSAFA. Sesifikile isikhathi sokuthi kube nezinguquko ezinqala laphaya ebuholini beSAFA kwazise ukuthi sifuna ukufaka abantu abazofike basebenze ekuthuthukisweni kwebhola lakuleli ikakhulukazi emazingeni aphansi.
Ngingasho nje ngithi, ngigcwele ukuzethemba okukhulu ekutheni ngizonqoba okhethweni lwangoMgqibelo, kwazise futhi neNgonyama yamaZulu, iSilo uMisuzulu kaZwelithini naye uyawusekela lo mkhankaso wami wokuthi ngikhethwe ngibe wuMengameli omusha weSAFA,
Eqhuba uZungu, Uthe, ”Uma ngigcina ngiqokwe njengoMengameli weSAFA, ngiyethembisa ukuthi ngizokuza nezinguquko ezinkulu ebholeni lakuleli. Phakathi kwezinye zezinto zokuqala engizozenza uma ngingena ehhovisi, wukukhipha bonke labo abathintekayo ekutheni abadlali beBafana Bafana baphuze ukuthola imihlomulo yabo yeWorld Cup ebise-USA naseMexico ngoJune. Ngeke nakancane ngibekezelele ukusebenza nabantu abahlulwa umsebenzi wabo, kusho u Manzini.”
Uma kwenzeka uZungu egcina ngokudla umhlanganiso ngoMgqibelo, uzokuba nguMengameli wesihlanu weSAFA selokhu elakuleli labuyiselwa ebholeni lomhlaba ngo-1992. Phakathi kwaseke baba ngoMengameli kuSAFA, singabala uSolomon “Stix” Morewa (ongasekho), uDkt Molefi Oliphant, uKirsten Nematandani naye ke uJordaan owangena kulesi sikhundla ngo-2013.
