19 August, 2026
1 min read

Abelaphi bendabuko beqembu leMK baqale phansi bathi umfundisi ulindwa ngeculo

Intatheli: Alex Hlabani USihlalo kazwelonke, uDr Khehlelezi, uthe ucela ukuthi kubuyelwe ensimini. Uzohola ngokuba yisibonelo. Ngolwesithathu uqale uhlelo olukhulu kakhulu lwabelaphi bendabuko eGauteng. Namhlanje bekunolunye esifundeni saseThekwini, sibonga isekela nobhala weTheku, uMholi uSya Mchunu wesifunda saseThekwini ngokuvela, ngempela uhlelo lwabo lube yimpumelelo. Sibonga kuDr Mzimbokhalimali kanye nesakhiwo sesifundazwe sabelaphi, nesakhiwo sesifunda sabelaphi. UMengameli wabefundisi, uMfundisi […]

1 min read

OWE-ANC BAMBIZE NGESPAYI WADUBA IQEMBU WAJOYINA I-DA NOMNGANE WAKHE.

Intatheli: Msawenkosi Mpofana Ama-Cllr AMABILI uDavide Ngubane noCllr Marco Mbambo ebebengamakhansela esiyingi sasethekwini ngaphansi kweqembu elibusayo iANC bashiye phansi leliqembu emveni kokuthi uCllr Ngubane bembize ngeSpayi seDA. Umngane wakhe okuvele ukuthi bangabangane kwakudala naye uvele washiya phansi isihlalo sobukhansela walandela umngane wakhe. Ngijoyine iDA ngoba bangibiza ngeSpayi seDA okuyiqembu engingakaze ngilithande kuchaza uNgubane. Umngane wami […]

1 min read

IKhansela le-IFP ligxeka ukusetshenziswa kwesiNgisi emhlanganweni woMkhandlu e-ICC

NguMsawenkosi Patrick Mpofana Uzwakalise ukungenami uKhansela Thando Mchunu ngokusetshenziswa kolimi lokubolekwa (isiNgisi) kuphela emhlanganweni ohlala kabili enyangeni wamakhansela aSeThekwini namaphethelo. Lokhu ukuveze ngesikhathi enikezwa umbhalo we-ajenda obuhleliwe, ekhasini 121 (of 5.1), ukuthi achaze ngawo. Uqale ngaso belu isiNgisi, kodwa okuthe maphakathi nenkulumo yakhe, wangena kumageba (isiZulu). Lokhu kwenze ukuthi kube nengxokozelo emhlanganweni, kwazise izinhlanga ezisuka […]

1 min read

UMEYA WETHEKU UKHWEZELWE UMLILO ESIGCAWINI SEMASHI

Intatheli: Msawenkisi Mpofana Kuthe lapho umashi uya ngasekupheleni, kusuke isidumo esikhulu ngesikhathi umethuli wezinhlelo (u-MC) ebiza izikhulumi ebezihambele lo mbuthano. Kuthe lapho kubizwa uMeya weTheku, uMhlonishwa Cyril Xaba, isixuku samemeza ngazwi linye sithi, “ASIMUFUNI LOWO!” Kube sekucaca ukuthi bekuzochitheka okugayiwe uma engase anikwe ithuba lokukhuluma nalesi sixuku sabamashi. Lokhu kwenze ukuthi, ngesikhathi eseyosayina incwadi yezikhalo […]

1 min read

UBASHIYE BEMANGELE U-DR JOHN HLOPHE

Sekuvele udaba oseluvele lwasabalala ezinkundleni zokuxhumana, isitatimende esikhishwe inhlangano yoMkhonto weSizwe ukuthi uMhlonisha John Hlophe oyiPhini likaMungameli uJacob Zuma umisiwe ekusebenzeni ngaphansi kwenhlangano, waphinde wamiswa futhi nasekuholeni amalunga aleliqembu kwisigungu esisePhalamende. Ngokwesitatimende esiphume ngoLwesithathu kusihlwa, kuvele  ukuthi kunemiguthi ethize angaze ayilandele kahle ngokususa uCollen Makhubela esikhundleni sokuba ngu Chief whip, wase ebeka uDes Van Rooyen. […]