Abelaphi bendabuko beqembu leMK baqale phansi bathi umfundisi ulindwa ngeculo
1 min read

Abelaphi bendabuko beqembu leMK baqale phansi bathi umfundisi ulindwa ngeculo

Intatheli: Alex Hlabani

USihlalo kazwelonke, uDr Khehlelezi, uthe ucela ukuthi kubuyelwe ensimini. Uzohola ngokuba yisibonelo.

Ngolwesithathu uqale uhlelo olukhulu kakhulu lwabelaphi bendabuko eGauteng. Namhlanje bekunolunye esifundeni saseThekwini, sibonga isekela nobhala weTheku, uMholi uSya Mchunu wesifunda saseThekwini ngokuvela, ngempela uhlelo lwabo lube yimpumelelo.

Sibonga kuDr Mzimbokhalimali kanye nesakhiwo sesifundazwe sabelaphi, nesakhiwo sesifunda sabelaphi.

UMengameli wabefundisi, uMfundisi Omkhulu uMajola, uBaba uBreakdown wenze isiqiniseko sokuthi uyafika. Wadi 60, eMbumbulu niphume ngobuningi benu.

Amasosha aphansi siyabonga, asisekho isikhathi, uthi uKhehlelezi soooonke masibuyeleni ensimini bethi bemakhaza izindaba nibe nigijima, ngiyacela makhomanda.

Nakuwe Khehlelezi sesisaba nokulokhu sithi siyabonga, uthando onalo ngomkhonto luningi.

Ngeviki elizayo ngoMgqibelo bathi abelaphi base Dube Ghandi zilungiseleni, nhlangano enkulu niyithathele phezulu buholi, ningathi ayiqale kubani, chooooo sekwephuzile manje akusetshenzwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *