IMarch and March isinqumele uMasipala weTheku ugwayi katiki
1 min read

IMarch and March isinqumele uMasipala weTheku ugwayi katiki

Intatheli: Norma Duma

Isimo besishubile ngesikhathi inhlangano yeMarch and March igcwala izitaladi imasha, lemashi iqale lapha e-King Dinizulu Park, ilibangise emahovisi akwa Home Affairs ku Moore Road e-Thekwini 10 September 2026.

Umholi weMarch and March u Nksz Jacinta Ngobese Zuma ubehola lemashi, okunhloso yayo ukuthola izimpendulo kuMasipala wese-Thekwini ngodaba labokufika abaqhike lapha ngaphandle kwase Home Affairs kuMoore Road.

“Sekuphele izinyanga ezintathu labantu beqhiqe lana, ngemuva kokuba banikezwe isexhwayiso sokuthi babuyele emazweni abo. Nathi siphethe amacansi ethu sizolala kuze kubakhona okwenziwayo ngalabantu abangcolisa imigwaqo yethu” kusho uJacinta Zuma. Njengenjwayelo amaphoyisa i-SAPS kanye ne Metro Police abehlome beyizingovolo bekhusela laba abokufika. Umholi we March and March ube esenxusa izakhamuzi ukuba ziqhele emaphoyiseni ngoba vele ayahalela ukusoconga abamashi.

Amalunga eMarch and March akhwele adilika kwi Meya ye-Theku Cllr Cyril Xaba Ngesikhathi izohlola isimo. Amalunga athuke uMeya ngezinhlamba ezihlasimulisa umzimba esho ukuba uyisahluleki. U Meya ube esekhuluma nabezindaba nayilapho ethe ubezohlola ukuthi umnyango waseKhaya usuhambe wangcinaphi nezinhlelo zokuhlola amaphepha Alaba bokufika.

UMnuz Zuma ongumyeni ka Jacinta Zuma nongummeli uthe sebethathele u Masipala we-Theku izinyathelo ngaloludaba labokufika, uphinde wathi “sinikeza umkhandlu izinsuku eziyisikhombisa (7)ukuxazulula loludaba lwabantu bokufika basuke emgwaqeni babone kuthi ubabekaphi, sibheke ngabovu ukuthi bazobekwaphi njengoba kusenabantu ababazisulu zezikhukhula abalaxazwe emgwaqeni. Siphinda sibanikeze izinsuku eziyishumi nane (14) kuloludaba lwabantu abahlali eKing Dinizulu Park” kusho uZuma.

Umzukulu kaMahatma Gandhi owayelwela amalungelo abamdabu basendiya uEla Gandhi uthe yena akahambisani nokuhlukunyezwa kwabantu bokufika.

I mashi iphelele e station samaphoyisa lapho beshiyekhona uhlu lwezikhalo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *