I-NACOL yethula I-Manifesto yango-2026 Ngaphambi Kokhetho lohulumeni basekhaya

Intatheli Norma Duma
Zonke izindlela ziholela kumhla 4 November 2026, okuwusuku olukhulu lokhetho lohulumeni basekhaya, futhi amaqembu ezepolitiki ahlukene aseqalile ukwenza ukuba khona kwawo kuzwakale emphakathini wonke.
I-National Community Liberation (NACOL) yethule iManifesto yayo yokuqala yokhetho luka-2026 kuMasipala INkosi Mtubatuba, eHholo lomphakathi lase-Nordale, ngoMgqibelo, 5 Septhemba 2026.
Leli qembu lasungulwa ngo-2023 Ngu Mnuz Muzi Hlophe kanti selingene kwezombusazwe kuzwelonke. Likhethe ukwethula umqulu wayo endaweni ephethwe yiNkatha Freedom Party (IFP).
UMongameli weqembu le NACOL uHlophe uthe leliqembu ikholelwa ukuthi uhulumeni kumele aziphendulele kubantu. Ubuholi kumele buzibophezele, bubeke yonke into obala, futhi bugxile ekuletheni izinsiza, nakuyilapho busungula uhlelo lwezolimo, nezokuvakasha.
“Njengoba sibheke okhethweni lohulumeni basekhaya lwango-2026, simema abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bazibandakanye nalezi zibopho futhi basihlanganyele ekwakheni imiphakathi nomasipala abasebenzela abantu” kusho uHlophe.
Abantu beze ngobuningi besuka ezindaweni ezahlukene bezozwa ukuthi iqembu lithembisa ukuletha ini emiphakathini futhi bafunde kabanzi ngabazongenela izikhundla zomkhandlu wakwa KwaZulu-Natal.
USihlalo woMkhandlu we-KZN, uNkk Mpume Mthembu, unxuse amalungu eqembu nabangenele ukhetho ukuthi bahlale behlelekile futhi bebumbene, balalele abantu, futhi bazibophezele ukwethula izinsiza zomphakathi ngisho nangemva kokhetho.
