
Intatheli: Sthembiso Shandu
UMDLALI wasemuva kuDurban City, uBandile Shandu, ubona iqembu lakhe lisethubeni elihle lokuthi liphinde futhi likhale lemuke nesinye isicoco kusizini ka-2026/27 ngaphansi kwesigaba seBetway Premiership.
UShandu ukhuza ibuya kuCity ebikade yaziwa ngeMaritzburg United kumasizini edlule. Kanti ujoyine leli qembu laseThekwini esuka ku-Orlando Pirates abesenqobe nayo izicoco eziningi kuBetway Premiership. Lo mdlali odabuka eMgungundlovu, uthi ujabule kakhulu ngokubuyela ekhaya kwazise ubesekhumbule kakhulu umndeni wakhe njengoba ebesehambe isikhathi eside kulesi sifundazwe sa KwaZulu-Natal. Ngaphezu kwalokho futhi ujabule ngokubuyela eqembini lakhe elidala.
“Ngijabule kakhulu ngokubuyela lapha ekhaya KwaZulu-Natal nokuyinto ezonginikeza ithuba lokuthi ngibe seduze nomndeni wami kwazise phela besengihambe isikhathi eside ngiseGoli.Ngijabule kakhulu futhi nangokwamukeleka kahle eqembini iDurban City, vele bekuyiqembu lami lakudala futhi engikhulele kulona,” usho kanje uShandu owaqala ukudlala ebholeni elikhokhelayo eneminyaka engu-17 kumasizini edlule ngemuva kokuba ithalente lakhe labonwa ngu-Ernst Middendorp noFadlu David’s, esagijima kuMaritzburg College.
UShandu owake wagijima nakuBafana Bafana, wengeze ngokuthi:”Indlela esiyiqale ngayo isizini siyiqembu, inikeza ithemba elikhulu lokuthi nakulokhu singakwazi ukuphinde sinqobe esinye isicoco njengoba senzile kwedlule sinqoba iNedbank Cup.
“Okungenza ngigcwale ukuzethemba okukhulu ngokuthi sizokuba nesizini enhle, wukuthi iqembu lethu lihlanganise abadlali abanesipiliyoni kanye nabasebancane abakhombisa okukhulu ukuzimisela.” Njengamanje iCity ingelinye lamaqembu amane akuleli adlala emiqhudelwaneni yeCAF njengoba yona idlala esigabeni seConfederation Cup.
