
Intatheli: Sthembiso Ngobese
UMENGAMELI weSouth African Football Association (SAFA), uDkt Danny Jordan, uzishaya isifuba ngomsebenzi omuhle asewenzile ebholeni lakuleli. UJordan odabuka, eGqeberha, esifundazweni i-Eastern Cape, ukusho lokhu ngemuva kokunqoba ngamalengiso ukhetho lwesikhundla sikaMengameli weSAFA obelungempelasonto edlule, e-Midrand, e-Goli.
Kanti uJordan ubebanga lesi sikhundla noSandile Zungu onguMengameli wamaZulu FC agijima kuBetway Premiership. Sekungumlando ukuthi uJordan unqobe lapha ngamavoti angu-157 kanti uManzini yena uthole angu 82 kuphela. Njengoba uJordan esephinde waqokwa futhi njengoMengameli weSAFA lokhu sekuchaza futhi ukuthi sekuzoba yihlandla lakhe lesine ephethe lesi sikhundla nokulindeleke ukuthi liphele ngo 2030. Kanti yena wangena kulesi sikhundla ngo 2013 engena ezicathulweni zikaKirsten Nematendani owayenguMengameli phambilini.
Ephawula ngemuva kokunqoba kwakhe ukhetho, uJordan uthe, lokhu kuyizinkomba zokuthi abantu bayayibona imisebenzi yakhe emihle aseyenzile kusukela angena kulesi sikhundla. Uqhube wathi selokhu athatha izintambo kuSAFA, wonke amaqembu esizwe enza kahle kakhulu emiqhudelwaneni yamazwe ngamazwe. “Njengoba ngiphinde ngaqokwa njengoMengameli weSAFA, angiziqokanga mina kepha ngiqokwe abantu. Imisebenzi esengiyenzile kanye nalabo engibambisene nabo kuSAFA izikhulumela yona ngokwayo. Uma ubheka nje wonke amaqembu ethu esizwe enza kahle kakhulu emiqhudelwaneni yamazwe ngamazwe selokhu sangena ebuholini”, usho kanje uJordan, ejobelela ngokuthi baphinde bakhiqiza nabaqeqeshi abanohlonze okumanje abanye babo baqeqesha emazweni angaphandle.
Ngakolunye uhlangothi, u Mnuz Sandie Zungu uyivumile induku, wathi akukho okunye asazokusho ngaphandle kokuthi amukele imiphumela njengoba injalo. “Ngingasho ngokungahlonizi ukuthi ngiyayivuma induku. Nasenkundleni yebhola ulindela imiphumela emibili, okuwukunqoba kanye nokuhlulwa. Nalapha ke kube yisimo esifanayo kulesi engisichazayo,” usho kanje uManzini ephetha ngokubonga kubobonke abantu abebesekela umkhankaso wakhe.
