
Intatheli -Brian Ngcobo
Umculi kaMaskandi uMayoghurt uthi kufezeke iphupho lakhe ngokuthi abe nomcimbi ngo mhlaka 05 Dec kulonyaka.
Kusukela esakhula belokhu enalo leliphupho lokuthi enze imicimbi. Kulomcimbi uthi ubophele kakhulu njengoba ewenzele lapho ezalwa khona (Umzimkhulu).
Ukudalulile ukuthi abaculi abasakhasa angeke abashiye ngaphandle ngoba naye akavelanga wabala ekhona. Kepha kungenxa yokuthi wanikezwa ithuba kwase kuba ukuthi uyazakhela udumo.
Inkosi ka masikandi le ithi iyamubongela u Snqamu Sodida njengoba efike kwezwakala kulendima uthe ngalomcimbi uyobe esethula i-EP yakhe entsha ethi Bliss likazwelonke.
Umcimbi uzoqala ngo 10 ekuseni uphele ntambama.
