AMEHLO AGCWALE IZINYEMBEZI ZENJABULO OWOKHOLO ETHOLA ESIPHO ESESITEJI.
1 min read

AMEHLO AGCWALE IZINYEMBEZI ZENJABULO OWOKHOLO ETHOLA ESIPHO ESESITEJI.

Intatheli. Musawenkosi Mpofana

Kubukeka izinga labaculi emzansi likhuphuka ngamandla ukunakekelwa nokwelekelelwa izinkampani ezizimele kanye nemindeni yabo.

Omculi wokholo owaziwayo uMelusi Mbokazi uzihlomulele ngesipho sesithombe esinobuso bakhe ngomgqibelo lo esibuya kuwona, sivela kusinqanda mathe sakhe uNkosikazi N Mbokazi eseSteji. Indlu ibinyakaza ecula ingoma yakhe azenzela ngayo udumo ethi “AZophela Amaqhinga” okuyilapho ingoma ithe nqamuka uNkosikazi wakhe wasondela kuye esteji, ephelezelwa UNgqongqoshe wezeMidlalo Ubuciko naMasiko Mntomuhle Khawula bephethe sona isipho okubonakala sengathi besingalindelekile. Uvele wanqamula ingoma wathwala izandla ekhanda ebona owakwakhe egida kusondela ephethe lesipho esinesithombe sakhe, UNgqongqoshe udlulise isipho wasebeka amagama eqinisekisa ukuthi umndeni wakhe umhlele lesipho engazi umculi.” Sizoveza ukuthi singumndeni sikuthanda kangakanani ikakhulukazi inkosikazi yakho, nathi ke esesifana namalunga omndeni wakho, mina kudala ngamazi uMalusi sengiyilunga londeni wakhe, ngalokho sithi qhubeka nomsebenzi omuhle kwazise ngolwesithathu uyazalwa, futhi siyabonga kakhulu ukuphakamisa isibongo sakwaMbokazi,” kusho uNgqongqoshe.

Konke lokhu kwenzeka e-Nkosi Albert Luthuli Convention (ICC), la umfo kaMbokazi ebehlanganise wadidiyela ozakwabo endimeni yezomculo wokholo ukuzogubha iminyaka eyishumi (10) esendimeni yomculo wokholo. Lapha kubalwa uMama Hlengiwe Mhlaba, Khaya Mthethwa, Sbu Noah, Babo nabanye abaningi.

Kubenesasasa elikhulu njengoba iHholo beligcwele liqhuma phezulu. Okuyithathe kakhulu indlu ukuhlanganyela kukaMbokazi kwizingoma ebeziculwa abanye abaculi abebamemile.

Liyakhula izinga lokukwesekana kwabaculi ikakhulukazi bokholo, ngabantu nemindeni, nabangani kanye nezinkampani ezizimele, lokhu sikuzwe ngaye uMbokazi ngesikhathi edlulisa amazwi okubonga. Ubonge abangane, umndeni nabamxhasile ukwenza lomcimbi ube impumelelo. Lapho sibala nomsakazo olule isandla, iGagasi FM, iQiniso security, umnyango wezoLimo wesifundazwe sakwaZulu Natali nabanye abaningi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *