18 August, 2026
1 min read

Kuvuleka isahluko esisha ubumbano lwelizwe lwakhiwa ngomnyakazo we-Sizala Isizwe

Intatheli: Ngunobhala jikelele we-Ezinohlonze Media House uDr Dennis “Nzonzo” Ntombela Ukuzalwa kwelanga elisha nesahluko esisha sokwelapha amanxeba eminyaka ezweni lakithi. Ihlandla elisha lomzabalazo wokuhlanganisa abantu base-South Africa seliqalile, kulandela ukusungulwa kwenhlangano engahlangene nezombusazwe ebizwa nge-Sizala Isizwe. Le nhlangano, eyasungulwa ngomhla ka-9 kuNcwaba (August) 2025 nguDkt. Taki Dube, inhloso yayo enkulu ukucekeceka imingcele yamadlozi, amasiko, izinkolo […]

1 min read

UHoosen uthi ukushona kukaCelani Zungu akumele kube yize

Intatheli: Brenda Gumede Ozongenela isikhundla sokuba yiMeya yeTheku ngeDemocratic Alliance (DA), uHaniff Hoosen, uthi ukushona kukaCelani Zungu akumele kube yize, kodwa kumele kube yisiqalo sokuthi umphakathi wase-Adams uthole ubulungiswa kanye nezidingongqangi ezifanele. UHoosen, ephelezelwa umholi we-DA KwaZulu-Natal, uSithembiso Ngema, uvakashele umndeni wakwaZungu ngoLwesibili ukuyodlulisa amazwi enduduzo kulandela ukushona kukaCelani, oshayiswe iloli elithwala amanzi ngoMsombuluko ekuseni. […]

1 min read

Siyashaqisa isimo sabantu abahlala emigwaqweni

Intatheli: Norma Duma UNkosikhona Ndabandaba owaziwa ngelika “Phakelumthakathi”, ugasele nethimba lakhe eKing Dinizulu Park lapho sekuyikhaya labantu abahlala emigwaqweni nabaziwa njengama “phara”. Inhloso yalombidlango ukukhuculula leya ndawo, nokuhlinzeka ngezinsiza kubahlali. Ithimba lifike laqoqa imfucuza lashanyela kahle, nemoto yakwamashipala ethutha udoti ibithutha iphindelela izinkumbi zikadoti. Abanye babahlali bathole ukugudwa emakhanda njengengxenye yokuletha usizo. Amaphoyisa abeqaphile ukuthi […]

1 min read

Ungqongqoshe ulethe izindlela ezintsha zokusebenza ngobuchwepheshe

Intatheli: Norma Duma UNgqongqoshe weScience Technology and Innovation Prof Blade Nzimande uhambele indawo yase Ixopo kumMkhandlu I Harry Gwala. Njengoba uNgqongqoshe eshaya ibuya kulendawo, kwathi ngonyaka ka2023 ngesikhathi evakashele LoMkhandlu wathola umbiko ungemuhle ngalendawo, izakhamizi zikhakhala ngomgaqo ongemuhle osho ngezinguzunga zemigodi, kanti futhi lendawo idume kabi ngokwebiwa kwemfuyo. Iyona inhloso eyenze wabuya esephethe izixazululo kulezinkinga […]

1 min read

Kungqashuke amaketanga obudlelwano neMarch And March

Intatheli: Norma Duma Inkampani yabameli evelele, ye-March and March eseGoli, isiphumele obala ekucaciseni isikhundla sayo kulandela ukuphawula kwakamuva komphakathi okuyixhumanisa nalowo owayengumsakazi kuKhozi FM, uNgizwe Mchunu. Ubuholi balenhlangano bunqamule ubudlelwano noMchunu ngenxa yezinsolo zokugxambukela kwezombusazwe ngaphandle, ukugwazisa, kanye nemizamo yokudicilela phansi inhlangano ngaphakathi. Esitatimendeni esikhishwe ngoLwesibili, inkampani yabameli ithe uMnuz Mchunu akayena umqondisi noma umnikazi […]

1 min read

Ezinohlonze Media House Foundation Iqhakambise Uhlelo ‘Boys to Men’ E-Thornwood

Intatheli: Alex Hlabani I-Ezinohlonze Media House Foundation ibivakashele umhlangano wamadoda obubanjelwe e-Thornwood Hall, ngenhloso yokukhulisa abafana abancane kuze babe amadoda akusasa (phecelezi Boys to Men). Kulo mhlangano obuse-Thornwood, bekukhona ababambiqhaza (stakeholders) abaningi okubalwa kubo i-Lifeline, i-Sukuma Ndoda Sakhe, Umnyango Wezempilo (Department of Health), i-SAPS, i-Spiritual Crime Prevention, i-CPF, Umnyango Wezemfundo (Department of Education), kanye ne-Isithebe […]

1 min read

USUKU LWESIKHUKHULA: ‘UPhakelumthakathi’ Nemashi Yasemalungeni Bafunga Ukugcwala Izinkundla Njalo NgoLwesine

Ezinohlonze Reporter Inhlangano i-March and March, eholwa ngu Jacinta Ngobese Zuma ngokulekelelana noMnu “Phakelumthakathi” Ndabandaba, imemezele ukuthi izobamba iziteleka njalo ngosuku loLwesine ezinyangeni eziyisithupha ezizayo. Lokhu kudalulwe esithangamini nabezindaba esibambe umoya, kulandela imashi enkulu edle ngomoya wokuthula eThekwini emayelana nezokufika kuleli ngendlela engeyona emthethweni. Nakuba umbhikisho ubunokuthula, idrama ingasalanga ngaphandle. IMeya yaseThekwini uCyril Xaba nePhini […]