UMasiipala weTheku usuthathe izinyathelo kwelama Maphoyisa Omkhandlu
Intatheli Norma Duma Ngomhlaka 2, September 2026 uMasipala wase-Thekwini ubize isithangami sabezindaba, ukuzobhunga ngodaba olusematheni lokuqashwa kwamaphoyisa akaMasipala. Kuvumbuke izinsolo zomkhonyovu nokwenzelela ekuqashweni kwamaphoyisa kaMasipala.IMenenja kaMasipala weTheku, uMnuz Musa Mbele, ubize isithangami sabezindaba ukuze acacisele amalungu abezindaba kanye nomphakathi ngezinyathelo ezithathwe yiDolobha zokubhekana nezinsolo zokuqokwa ngendlela engafanele emaphoyiseni kaMasipala. IMenenja yeDolobha ikuqinisekisile ukuthi kunemibiko emibili […]
