Siyashaqisa isimo sabantu abahlala emigwaqweni
1 min read

Siyashaqisa isimo sabantu abahlala emigwaqweni

Intatheli: Norma Duma

UNkosikhona Ndabandaba owaziwa ngelika “Phakelumthakathi”, ugasele nethimba lakhe eKing Dinizulu Park lapho sekuyikhaya labantu abahlala emigwaqweni nabaziwa njengama “phara”.

Inhloso yalombidlango ukukhuculula leya ndawo, nokuhlinzeka ngezinsiza kubahlali. Ithimba lifike laqoqa imfucuza lashanyela kahle, nemoto yakwamashipala ethutha udoti ibithutha iphindelela izinkumbi zikadoti. Abanye babahlali bathole ukugudwa emakhanda njengengxenye yokuletha usizo. Amaphoyisa abeqaphile ukuthi kungabi khona ukushayisana phakathi kwabahlali kanye nabantu abazosiza.

UPhakelumthakathi unxuse osomabhizinisi kanye nomphakathi ukuba ulekelele ngendlela engalekelela ngayo kuzoqinisekisa ukuthi le ndawo bonke laba bantu abazothuthelwa kuyo iphephile futhi ibiyelwe kahle ukuze kuzoqina ezokuphepha; ongaphakathi angakwazi ukuphuma nongaphandle angakwazi ukungena, njengoba le ndawo izobe iyisikhungo sokuvusela kabusha izimpilo zabantu esezikhahlanyezwe izidakamizwa. Uphinde wathi osonhlalakahle kanye nabezempilo bayafika ukuyohlola isimo sempilo, yize abantu abaningi abaphilile kahle ngenxa yokunganakekeleki kanye nezidakamizwa abazidlayo, abaningi bayashona ngokungalutholi usizo ngesikhathi. “Bakhona nabokufika ngokungemthetho abazithola sebelana nabo, asibaxwayi siyabanikeza usizo abaludingayo ngoba asibazondi bangabafowethu nabo, inqobo sifuna babuyele emazweni abo beyolungisa khona,” kusho uNdabandaba.

Isimo abahlala ngaphansi kwaso asisihle neze ukuthi umuntu engaphila ngalolu hlobo. Omunye wabahlali ongathandanga ukuba igama lakhe lidalulwe uthe: “Ngihlala nengane yami yentombazane ngenxa yokuthi ngakhulelwa okokuqala bangixolela ekhaya, kodwa kuthe sengiphinda okwesibili yilapho-ke umama wangixosha khona wathi ngihambe nengane yami yena uzosala nalo wokuqala, nayilapho-ke ngazithola sengisemgwaqeni nengane. Bengiluthola usizo kubantu abangisiza ngendawo yokulala kuma-shelter, kodwa lokho kwaphela kabuhlungu mhlazane bengibona kwenye yezinhlelo ze-TV show ngikhuluma ngokudla kwami izidakamizwa, nayilapho baqhela kimi ngazithola sengikhosela khona la epaki. Inkinga nayo le ngane engihleli nayo isingene ezidakamizweni, ngambona ebhema insangu nogwayi kwangiphatha kabi lokho, ngiyaludinga usizo ngiyafisa nokubuyela ekhaya.”

Oyisakhamuzi sakuleli uthe uhulumeni wakuleli uhlulekile, abantu bakwamanye amazwe bayazenzela la eNingizimu Afrika ngoba kulula. Ube esethi bayamxusa uhulumeni ukuba asuse uNatal kube iKwaZulu sizimele njengesifunda, “NeSilo sakwaZulu siyasinxusa ukuba silusukumele lolu daba,” kusho izakhamuzi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *