Kuvuleka isahluko esisha ubumbano lwelizwe lwakhiwa ngomnyakazo we-Sizala Isizwe
Intatheli: Ngunobhala jikelele we-Ezinohlonze Media House uDr Dennis “Nzonzo” Ntombela

Ukuzalwa kwelanga elisha nesahluko esisha sokwelapha amanxeba eminyaka ezweni lakithi. Ihlandla elisha lomzabalazo wokuhlanganisa abantu base-South Africa seliqalile, kulandela ukusungulwa kwenhlangano engahlangene nezombusazwe ebizwa nge-Sizala Isizwe. Le nhlangano, eyasungulwa ngomhla ka-9 kuNcwaba (August) 2025 nguDkt. Taki Dube, inhloso yayo enkulu ukucekeceka imingcele yamadlozi, amasiko, izinkolo kanye nesimo sezomnotho, ukuze kwakhiwe isizwe esisodwa nesibambene.
Imikhosi yasemthethweni yokwethulwa kwayo kulindeleke ukuba ibe ngomhlaka-29 kuNcwaba 2026 inkundleni enkulu i-Curries Fountain Stadium eThekwini lapho kulindeleke khona izihlwele ngezihlwele zabantu.
Ngesikhathi ekhulumela lensthumo emhlanganweni nabezindaba obubanjelwe esontweni i-Ethekwini Community Church ngoMsombuluko, umsekelaphansi nomsunguli walo mnyakazo, uDkt. Taki Dube, ugcizelele wama ngazo zombili ukuthi i-Sizala Isizwe ayiyona neze inhlangano yezepolitiki.
“Leli akulona ibandla lezepolitiki. Leli yiqembu nelizwe elibekelwe ukusekela abantu base-South Africa ngokubavulela indawo enesisindo lapho amazwi abo nokukhathazeka kwabo kuzolalelwa ngaphandle kokwesaba,” kuchaza uDkt. Dube.
Uthe isizathu esikhulu sokusungula le nhlangano kwaba ukulwela ubumbano lukamoya kanye nokuguqula umcabango owashiywa iminyaka yengcindezelo nocalucalulo lwe-apartheid—uhlelo analo ngokuthi lusasebenza nanamuhla ngokubasa umlilo wokucofacofana kwezizwe nezinhlanga (tribalism) kanye nokwehlukana komphakathi.
“Ngingahle ngingabi nazo zonke izimpendulo ngendlela lolu hambo oluzohamba ngayo, kodwa ngineqiniso eliphelele ukuthi lolu hlelo luzoletha impumelelo nensimbi enhle kubantu bakithi kule lizwe,” kuqhuba uDkt. Dube ngomoya wokuzithoba nokuthemba.
Ephawula ngodaba olubucayi olubuyelela ezilimini zabaningi ezweni mayelana nabafuduki abangukungena ngokungekho emthethweni, uDkt. Dube ubonise ukuzwela nolwazi ngomunyu nentukuthelo eboniswa izakhamuzi zase-South Africa. Nokho, ugcizelele ukuthi le nhlangano ikholelwa emgqeni wengxoxo eyakhiyo nezisombululo ezizoletha ukuthula nesithunzi kubo bonke abathintekayo.
Umbono nomgomo omkhulu we-Sizala Isizwe usekelwe ekwakheni i-South Africa ebonakala ngobumbano, ngokukhuthaza ukubamba iqhaza kwezakhamuzi ezindabeni zomphakathi.
