
Intatheli: Brenda Gumede
Ozongenela isikhundla sokuba yiMeya yeTheku ngeDemocratic Alliance (DA), uHaniff Hoosen, uthi ukushona kukaCelani Zungu akumele kube yize, kodwa kumele kube yisiqalo sokuthi umphakathi wase-Adams uthole ubulungiswa kanye nezidingongqangi ezifanele.
UHoosen, ephelezelwa umholi we-DA KwaZulu-Natal, uSithembiso Ngema, uvakashele umndeni wakwaZungu ngoLwesibili ukuyodlulisa amazwi enduduzo kulandela ukushona kukaCelani, oshayiswe iloli elithwala amanzi ngoMsombuluko ekuseni.
Ekhuluma nomndeni, uHoosen uthe uCelani uzohlale ekhunjulwa njengeqhawe elashona lilwela ukutholakala kwezidingongqangi emphakathini wakubo.
“UCelani uzohlale ekhunjulwa njengeqhawe elashona lilwela ukutholakala kwezidingongqangi emphakathini wakubo. Sizoqhubeka silwela ukuthi kutholakale ubulungiswa futhi umthetho uvunyelwe ukuba wenze umsebenzi wawo,” kusho uHoosen.
Uthe i-DA izoqhubeka nokweseka umndeni wakwaZungu futhi ilwele ukuthi izakhamuzi zase-Adams zithole amanzi ngendlela ethembekile ukuze kungaphinde kwenzeke olunye usizi olufana nalolu.
UNgema uthe ushaqekile ukuzwa ukuthi amanzi aphinde abuyiselwa emphakathini kungakapheli usuku ngemuva kwale nhlekelele, nangaphambi kokuba iMeya yeTheku nethimba layo bavakashele umndeni wakwaZungu.
“Kuyacaca ukuthi amanzi avaliwe ngamabomu kule ndawo njengoba kuthathe isikhathi esingaphansi kosuku ukuthi amanzi aphinde ageleze kompompi bomphakathi,” kusho uNgema.
Uthe lesi sigameko siveza imibuzo eminingi ngendlela umasipala ophethe ngayo ukuhlinzekwa kwamanzi emphakathini, wagcizelela ukuthi izakhamuzi akumele zilahlekelwe yizimpilo ukuze zithole ilungelo lazo lamanzi ahlanzekile.
