

Intatheli: Alex Hlabani
I-Ezinohlonze Media House Foundation ibivakashele umhlangano wamadoda obubanjelwe e-Thornwood Hall, ngenhloso yokukhulisa abafana abancane kuze babe amadoda akusasa (phecelezi Boys to Men).
Kulo mhlangano obuse-Thornwood, bekukhona ababambiqhaza (stakeholders) abaningi okubalwa kubo i-Lifeline, i-Sukuma Ndoda Sakhe, Umnyango Wezempilo (Department of Health), i-SAPS, i-Spiritual Crime Prevention, i-CPF, Umnyango Wezemfundo (Department of Education), kanye ne-Isithebe Samadoda. Izona zonke lezi zinhlaka bezikhuluma malunga nokukhuliswa kwabafana ukuze babe amadoda aqotho akusasa.
Izinkulumo bezakha kakhulu, ngendlela yokuba kuze kwakhulunywa nanohlobo lwamadoda angafuni ukuya emtholampilo ngenxa yokuthi esaba ukuyochaza izimo ababhekana nazo. Kuleso simo, kuvele ukuthi emtholampilo sezikhona izindawo zamadoda lapho ufica khona umuntu wesilisa ozokusiza. Isibonelo ngumtholampilo waseMpola, ochazwe ngendwo eseyinalo igumbi lamadoda (Room 7), lapho uthola khona usizo ngqo njengomuntu wesilisa usizwa ngomunye umuntu wesilisa. Khuthazwe ukuthi amadoda angasabi ukuvela emtholampilo ngenxa yokusaba ukuchaza izinkinga ababhekana nazo.
Kuhlangothi lwamaphoyisa (SAPS), ngaphansi kwezokuphepha, uSergeant Nxumalo uchaze kabanzi ngokuthi yini indoda. Ube esechaza nangodaba lokuboshwa kowesilisa eboshiswa ngowesifazane ngenhloso yokumhlukumeza.
Uchaze wathi: “Noma ungaboshwa ngenxa yokuthi lo wesifazane ufike wazochaza esiteshini samaphoyisa, kodwa ngokuqhubeka kophando lwecala uma kubonakala ukuthi lo wesifazane ubhale isitatimende ngendlela engekho ecebeni, uyakwazi ukuboshwa lowo wesifazane bese uyadedelwa owesilisa ngenxa yokuqamba amanga nokubhala isitatimende esingesiso.”
