
Intatheli: Brian Ngcobo
Lomcimbi ubuwenzelwe esifundazweni sase Mpumalanga kulempelasonto esibuya kuyo
ngoMgqibelo 6, September 2026.
Lomculi u Quality Biyela unqabe ukuphuma stage yize sekuphele isikhathi sakhe.Nayilaphoke oka Biyela ephendule sakucikeka ethi umcimbi akuwona oka Modelkazi kepha oka Nkulunkulu.Ngemuva kwamahora ambalwa lomculi uye wayoxolisa kubalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana. Kanti lolu xolo lwakhe alwehlanga kahle kwabaningi lokuxolisa kwakhe, bakubone njengendelelo, ngoba ubelokhu esakuqhakambisile ukuthi umcimbi oka Nkulunkulu.
