
Intatheli: uMsawenkosi Mpofana
Imfundo yanamhlanje iyaludinga usizo lwamaklasi ezifundo ezinezezelwe (extra classes), lokhu kuza emveni kokukhalaza kwabafundi ngobunzima nezingqinamba ezikhona ikakhulukazi kwisifundo sezibalo.
UMnz uMsawenkosi Mpofana ongumsunguli walamaklasi aphinde abe uthisha, usezakhele udumo ngokuqoqa aphinde ahlanganisa izingane ezithwele kanzima kusifundo sezibalo (Mathematics ), lokhu kulandela ukukhononda kwabafundi bethi lesifundo sinzima.
E-Glebeland hostela e-Mlazi kwaV sihlanganisa izingane kusukela kwibanga lesishangalombili(8) ukuya kwibanga leshumi nambili(12), sibacobelele ngolwazi olwengeziwe kuso lesifundo abakhala ngaso bathi sinzima. Kungenwa mahhala bese umfundi ekhokhela izinsiza kufundisa uR250 ngesigaba, lokhu kuyabalekelela ngoba bathola isikhathi esanele becothoziswa kulokho abangakuqondi kalula.
Abazali bayingxenye yaloluhlelo lokwelekelela izingane zabo ngokuzikhokhela njengoba lesikhungo singakalutholi uxhaso oluzimele. Ongumsunguli walo useveze ukuthi badonsa nzima njengoba bengenaxhaso kanti nezingane zidinga isineke njengoba zibuya ezikoleni ezahlukene, singakuthokozela ukuba osomabhizinisi basukume bazokwelekelela ikusasa lezingane ngokwelula isandla ukuhlangabeza izinsiza kufunda, njenge bhodi, shoki nokunye okuningi.
Imfundo iyisikhali sethu esonqoba ngaso.Abazali abanezingane ezidinga usizo ngalama klasi, nalu usizo Lukhona lethani abantwana bathole usizo.
