BEKUGCWELWE ABANTU ABASHA KWI-MASTERCLASS YAMA-SPAZA SHOP E-THEKWINI
1 min read

BEKUGCWELWE ABANTU ABASHA KWI-MASTERCLASS YAMA-SPAZA SHOP E-THEKWINI

Intatheli: Nomthandazo Magoso

Ibeyimpumelelo enkulu uhlelo lokuthuthukiswa kosomabhizinisi basemalokishini nasezindaweni zasemakhaya. Obuse ethekwini Moses Kotane research institute mhlaka 3 September 2026 oluhlelwe yi-MKRI ngokubambisana no-EDTEA kanye March and March. Inhloso yeMKRI ukwenza ucwaningo nokukhuthaza amakhono emnothweni wasemalokishini eKZN.

Lolu hlelo olubizwa nge “Spaza Shop Enterprise Development Masterclass” luqale ngo 09:00 – 14:00 lubheke ukwakha amabhizinisi azinzile.

Lo mcimbi obunezikhulumi ezahlukene osomabhizinisi baseMzansi, Standard bank, IKhokha, Boxer, Makro, Khula Ekasi Solution, SEDFA, NYDA kanye neThala bank. Ubuholi beMKRI buqinisekisile ukuthi osomabhizinisi abangu-42 bazothola imishini (speed point) ebiza u-R2,000 umuntu ngamunye, okuyinani elingu R84,000 selilonke.

Bafundiswe ngokuthi “Ukwenza Okuhle Yikona okwakha Ibhizinisi Elihle” – ukunakekela abasebenzi, ukusebenzisana nabahlinzeki abahle, ukunakekela umphakathi kanye namakhasimende njengamakhosi nezindlovukazi.

Bathole nokuskwa I-Scientology Volunteer Ministers yethule izifundo zamahhala zokuphila ku http://volunteerministers.org, kanti nezinye izinkampani zethule ngezaphulelo, ukuthutha impahla nge-WhatsApp, nokumaketha ku-Facebook Business Page.

Uhlelo luvalwe ngu Ms J Ngobese Zuma ngamazwi obumbano: “Indlela kuphela esingaphumelela ngayo uma siphumelela ndawonye. Siphila ku-2026, i-South Africa ngeyawo wonke – abamnyama, abamhlophe, namaNdiya. Asakheni iNingizimu Afrika ndawonye.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *