
Intatheli: Nomthandazo Magoso
Tshwane, eCurro Hazeldean, Pretoria-East – 5 September 2026 lapho kubanjelwe khona ASA Cross Country Championships
Umgijimi ohlonishwayo wakwa Boxer AC, uZenzile Tumelo Pheko, uqophe umlando omusha ngemuva kokunqoba umjaho wabasubathi wabobonke abesilisa abadala kwibanga lika -10km kuma-ASA Cross Country Championships obebanjelwe eCurro Hazeldean, ePretoria-East, Tshwane.
Lo mqhudelwano kazwelonke, obubanjwe ngoLwesihlanu mhlaka 5 kuMandulo 2026, uhehe abagijimi abahamba phambili ezweni lonke. Pheko, obekade aziwa njengomunye wabadlali abaqine kakhulu kulo nyaka, ngoku khombise amandla, isivinini kanye necebo elihle kakhulu kwezokusubatha.
U-Pheko ubelokhu ekhanya kulo nyaka wonke emijahweni ye-Central Gauteng Athletics (CGA). Emijahweni edlule ye-CGA League, uveze ukugijima okuhle kakhulu, futhi ubengomunye wabagijimi abebhekwe kakhulu. Ngaphambilini uke wanqoba umjaho kazwelonke wathatha indawo yesibili, kodwa kulokhu usebenzise amandla kanye nesivinini ngokugijima kusukela ekuqaleni waze wawela umugqa wokugcina ehamba phambili. 1
Umzila wase Hazeldean ubunzima futhi unamagquma, kodwa uPheko uwuphatha kahle. Wabukisa ngamandla akhe emijikeni emihlanu, washiya izimbangi zakhe ngemuva futhi wavala ngesitayela.
Lokhu kunqoba kuka-10km ku-Senior Men kumenza manje kube nguye ophethe isicoco seSouth Africa ku-cross country ngo-2026, futhi kumvulela indlela yokumela iSouth Africa emijahweni yamazwe ngamazwe.
Abalandeli be-athletics bathi uPheko usekhombisile ukuthi uyinkosi entsha ye-cross country eNingizimu Afrika.
Halala Zenzile Tumelo Pheko!
