
Intatheli: uMsawenkosi Mpofana
Usezakhele udumo owesifazane osemncane owazalelwa kwaNongoma njengoba esesebenze kulomkhakha wezobuntatheli waze wayomela iNingizimu Afika kwelaseMelika.
UNks Cassandra Zungu useveze ukubaluleka kokwamukela ushintsho, uthi ziningi izinto esezikezafika singazijwayele sazexwaya, kodwa okuthe ngokuhamba kwesikhathi sazijwayela, nesidingo sazo sasibona, njengomabona kude, ukushintsha komakhala ekhukhwini nokuningi nje bobuchwepheshe esingakubala.
Kamuva nje sekuvele ubuhlakani nokwenziwa i Artificial Intelligence (AI) okuyindlela yobuhlakani bobuchwepheshe bekhomputha obukwazi ukwenza imisebenzi edinga ubuhlakani bomuntu, njengokufunda, ukucabanga, ukuqonda ulimi nokuxazilula izinkinga. Nakuba kukuhle ukusebenza kweAI kodwa kuhamba nezinkinga eziningi, ingakho kudingeka umuntu ozoqinisekisa ukulungisa wonke amaphutha ayo, nokuthi ifike nokuzoqedela abantu abaningi umsebenzi njengoba ikwenza konke ngesikhathi, kuchaza uNks Zungu.
Uqhube wathi nobuhle bayo bukhona njengoba bumsize kakhulu eseMelika, ukushintsha ulwimi ulisusa kulelozwe ulubhale ngesingisi, incazelo engcwele ngesizinda akuso, ikunika umlando ngodaba ophezu kwalo, abezinkampani ezizimele bayazuza ngayo ngoba yenza umsebenzi omningi ngesikhathi.
Iqiniso lithi ukusebenza kwalobuchwepheshe kusasethusa ngoba kufika futhi kusiqedela amathuba emisebenzi kodwa kogcina kusetsgenziswa bona.
