Oqokelwe isikhundla sika Meya uthe ucela iqembu limuxoshe.
3 mins read

Oqokelwe isikhundla sika Meya uthe ucela iqembu limuxoshe.

Intatheli: Norma Duma

Inkulumo elandelayo yethulwe yilowo oqokelwe ukuba iMeya ye-DA e-uMngeni, uChris Pappas, ngesikhathi kwethulwa i-DA uMngeni 2026 Manifesto.

“Namuhla imayelana nekusasa. Kodwa ngaphambi kokuba sikhulume ngokuthi siyaphi, kufanele sikhumbule ukuthi sivelaphi. Eminyakeni emihlanu edlule, sasukuma phambi kwabantu base-uMngeni sacela ukuba usinikeze leli ithuba. Sacela ukuthi nikholelwe ukuthi ushintsho lungenzeka,” kusho uPappas.

UPappas uqhube wathi bathembisa abahlali ukuthi imali yentela izophathwa ngenhlonipho nangobulungiswa.

“Ngonyaka ka-2021, saba nezithembiso. Ngonyaka ka-2026, sinerekhodi ebonakalayo. Yingakho namuhla sethula i-manifesto yethu ye-SAHLUKO ESILANDELAYO sase-uMngeni.”

Isimo sasenzima ngo-2021

Ngesikhathi i-DA ithatha izintambo ngo-2021, uPappas uthe bazuza njengefa umasipala owawusenkingeni enkulu gqagqa. Izimali zazingaphansi kwengcindezi, ingqalasizinda ibinganakiwe, kanti nokuzethemba kumasipala bekuphansi kakhulu.

“Kwakukhona abantu abasitshela ukuthi uhulumeni wasekhaya ngeke nje ulungiswe. Kwakukhona abantu ababethi izinkinga zinkulu kakhulu. Kwakukhona ababelindele ukuthi sihluleke. Banitshela ukuthi ubandlululo luzobuya, izibonelelo zizoqedwa kanti nezindlu ze-RDP zizothathwa. Sasizimisele ukubabonisa ukuthi banephutha. Ngemuva kweminyaka emihlanu siphatha, mukhulu umehluko,” kuchaza uPappas.

Ubalule abakuzuzile eminyakeni emihlanu edlule:

  • Izimali ezihlelekile: Bazikhokhele izikweletu zomasipla futhi bazuza ukucwaningwa kwamabhuku okuhlanzekile (clean audit) ngokulandelana.
  • Ingqalasizinda: Batshale amakhulu ezigidi zamarandi kwingqalasizinda. Isabelomali semigwaqo sikhule sisuka ku-R11 million saya ku-R42 million.
  • Izibani nezinsiza: Angaphezu kuka-3,000 amalambu e-LED afakiwe. Batshale imali ezimotweni ezintsha nasezinsizeni ukuze abasebenzi bakwazi ukwenza imisebenzi yabo.
  • Ezendawo nemithetho: Bakhulise iMnyango Wezamapaki, bandisa izikhungo zokugaywa kabusha kwemfucuza (recycling), futhi baqinisa ukuqiniswa kwemithetho yomgwaqo.

“Inqubekelaphambili yethu ayikalwa kuphela emibikweni kamasipala — kubonakala emphakathini wethu.”

— Chris Pappas

Impumelelo ebonakalayo

UPappas uphinde waveza ukuthi ingaphezu kuka-2,200 imisebenzi ehlala njalo edaliwe, ukuntuleka kwemisebenzi kwentsha kwehlile, isilinganiso semali etholwayo sinyukile, isibalo samabhizinisi sikhulile, kanti nokungalingani kwehlile emphakathini.

“Iminyaka yethu yokuqala emihlanu yayimayelana nokuzinzisa, ukulungisa nokwakha kabusha. Iminyaka emihlanu ezayo kumele ibe mayelana nokusheshisa no kuqinisekisa ukuthi wonke umphakathi uyayizwa lemiphumela — ukusuka eHilton kuya eMpophomeni, eHowick kuya eMerrivale, eLidgetton kuya eNottingham Road, Karkloof, Dargle naseMashingeni.”

Izinsika eziyisithupha ze-Manifesto

I-manifesto entsha ye-DA yakhelwe ezintweni eziyisithupha ezibalulekile:

  1. Umasipala ohlanzekile ovikela indawo yethu.
  2. Umnotho okhulayo odala amathuba emisebenzi.
  3. Ingqalasizinda enakekelwayo futhi eyandiswayo.
  4. Uhulumeni osobala futhi osabelayo.
  5. Imiphakathi ephephile.
  6. Umasipala osalokhu usimama ngokwezimali.

Izithembiso eziyishumi ezibalulekile:

  • Imigodi: Ukuda u-95% wemigodi emigwaqweni kamasipala.
  • Izibani: Isilinganiso samahora amagcine ku-72 sokulungisa izibani zasemgwaqweni ezifile.
  • Uqeqesho: Ukuhlinzeka ngoqeqesho olugunyaziwe lwezinga le-NQF okungenani kubantu abayinkulungwane (1,000).
  • Imfucuza: Ukunweba ukuqoqwa kukadoti ufinyelele kowu-85% wemizi.
  • I-Wi-Fi: Ukufaka i-Wi-Fi efinyelela ku-60% ezindaweni zokulima nabahlali basemakhaya.
  • Ugesi e-Hilton: Ukuxazulula ingqinamba yokudonswa kwengqalasizinda kagesi e-Hilton.
  • Ezokuphepha: Ukusungula uMnyango Wokugcinwa Komthetho Kamasipala (Metro Police/Law Enforcement) ugcwele.
  • Imisebenzi: Ukusebenzisana nezinkampani ezizimele ukudala imisebenzi emisha eyizi-2,000.
  • Inhlalakahle nentsha: Ukwethula Uhlelo Lomama Bosuku koxhaso lwe-ECD kanye nokuphinda kabili uxhaso nokusekelwa kwama-NPO.

Ukhetho luza nenselelo

“Siyazi ukuthi u-2021 wawusondele kangakanani. Siwine uMngeni ngamavoti angu-42 kuphela. Uma ngingawusebenzeli umphakathi wase-uMngeni, ngicela ningixoshe kwi-DA,” kuphothula uPappas ngesibindi.

Oyilunga lomphakathi, uNksz Sindi Nene, uthe usekulungele ukunikeza i-DA elinye ithuba ngoba usekhathele izithembiso ezingafezeki zamanye amabandla. Nebala umphakathi wase-Lidgetton nawo ubonakale uyijabulele kakhulu le manifesto eyethuliwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *