
Intatheli: Norma Duma
Siphume ngobuningi baso isizwe emgubhweni wokukhumbula nokuqhakambisa impilo nengqalasizinda eyashiywa uMntwana wakwaPhindangene, uNkosi Mangosuthu Buthelezi.
Lomcimbi uhlelwe ngenhloso yokubungaza impilo nomsebenzi wako Mntwana njengoba kubungazwa usuku lwakhe lokuzalwa. Usuku luhambisane namazwi okuncoma nemifanekiso emikhulu yengqalasizinda ayishiya phansi.
UMeya weSifunda iZululand, uKhansela Khumalo, uthe bayamkhumbula kakhulu uMntwana ngamagalelo akhe ekwakheni isizwe sakwaZulu.
Ngasohlangothini lwakhe, uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThami Ntuli, enkulumeni yakhe ukhulume ngeqhawe elalwela uZulu. UNdunankulu uncome kakhulu imisebenzi kaShenge:
- Amakolishi okuqeqesha amakhono nentuthuko,
- Izikole nezinye izinhlaka zemfundo,
- Ibhange labantu iThala,
- Amafemu abalulekile asungulwa uMntwana,
- Ukubuyiswa kwesishayamthetho sakwaZulu.
‘Siwazi Ngamehlo Amagalelo KaShenge’ – UMeya WoLundi
UMeya wasoLundi, uKhansela Wilson Ntshangase, wethule amazwi okusekela umcimbi ngokuzithoba nangokuziqhenya okukhulu:
“Kungokuhlonipha okukhulu nokuthobeka ukuthi ngimi phambi kwenu namuhla, egameni likaMasipala wasoLundi, ukwethula leli zwi lokweseka ngesikhathi sosuku lonyaka lweNkosana uMangosuthu Buthelezi. Namuhla wusuku olubalulekile ekhalendeni lethu ngoba kusinika ithuba, unyaka nonyaka, wokuma kancane sizindle ngempilo eyisimanga, ubuholi kanye nefa leNkosana.”
UMeya uNtshangase ugqamise ukuthi uMntwana uMangosuthu Buthelezi wayeyindodana yesizwe samaZulu, engumholi wendabuko, engumongameli, engumholi wepolitiki futhi, ngaphezu kwakho konke, eyinceku yabantu. Igalelo lakhe emlandweni waKwaZulu-Natal kanye neNingizimu Afrika ngeke lihlukaniswe nendaba yabantu bakithi kanye nohambo lwezwe lethu olubheke kwintando yeningi.
Ukuvikelwa Kwedolobha LoLundi Ngo-2021
Ekhuluma ngesikhathi sobunzima bombhikisho ngo-2021, uMeya uchaze indlela uMntwana awathinta ngakhona amakhaya nabantu baseLundi:
“Bakwethu, amagalelo mntwana wakwaPhindangene thina njengoLundi siwazi ngamehlo, akusiyo inzwabethi. UMntwana usithandile sonke singabantu balapha Ondini. Ngikhumbula ngo-2021 lapho abantu babeshisa khona amadolobha bethi azikhale. Thina njengabaholi namavolontiya eNkatha, ngokubambisana nomphakathi, sathatha isinqumo sokuthi siyovikela idolobha lethu. Sidela amakhaya ethu siyovikela okungokwethu.”
“Kulawo makhaza nompisholo, uMntwana wakwaPhindangene wafika kithi lapho esasikhona. Wahambela zonke izindawo ezasiqapha idolobha, ekhuluma nathi esikhuthaza kulokho esasikwenza. Sakuthokozela kakhulu lokho. Namanje siyabona izithelo zalokho—nazi izimali nezinhlelo zokuthuthukisa uLundi zitheleka ngenxa yaleyo mpahla nomsebenzi esawuvikela. Onke amadolobha aseduzane ayesethenga lapha Ondini ngoba amanye ayesebhubhile.”
Iliba LoMholi Lizoba Ingxenye Ye-Amagugu Natali
UMeya uphinde wabonga uMnyango weZobuciko Namasiko ophethwe uNgqongqoshe uKhawula, ngokuthi uqinisekise ukuthi iliba loMholi wethu lifakwe ngaphansi komnyango we-Amagugu Natali.
“Lokhu kuzokwenza izivakashi zitheleke lapha Ondini ngobuningi bazo zizoncela ulwazi ngoMtwana wakwaPhindangene kane nezinye izindawo zomlando ezilapha Ondini.”
Inselelo Kubahlali, Intsha Nezaholi
Isphetho senkulumo kaMeya uNtshangase sibhekise imiyalezo ebalulekile kuyo yonke imikhakha yomphakathi:
- Kubitshana neNtsha: “Funda empilweni yakhe. Funda ukubaluleka kwemfundo, isiyalo, inhlonipho nokubekezela. Qonda ukuthi ikusasa lemiphakathi yethu nezwe lethu lisezandleni zakho.”
- Kubaholi: “Lesi sikhumbuzo saminyaka yonke masisikhumbuze ukuthi umlando uzogcina usahlulele ngomehluko esiwenzayo ezimpilweni zabantu esibasebenzelayo.”
Umasipala wawoLundi uqinisekise ukuzibophezela kwawo ekugcineni amagugu nokusebenzisana nobuholi bendabuko, imiphakathi, nezinhlaka zakulumeni ukuze kuqhubekele phambili intuthuko yoLundi.
