UDladla usola ukudideka kwabadlali ngokushaywa kwe-Arrows
1 min read

UDladla usola ukudideka kwabadlali ngokushaywa kwe-Arrows

Intatheli: Sthembiso Ngobese

UBONA bedidwe yimithetho yomqhudelwano weMTN 8 abadlali bakhe, umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uPitso Dladla ngemuva kokuba bekhishwe kulo mqhudelwano yiMamelodi Sundowns emdlalweni womlenze wesibili wamaSemi-final obuseKing Zwelithini Stadium, eMlazi ngempelasonto.

Emdlalweni wangempelasonto iSundowns inqobe ngo 3-2 wamagoli ashaywe nguCassius Mailula, uMarcelo Allende no-Antonio Van Wyk. Kanti awe-Arrows wona abekwe enethini nguJunior Dion noPhilani Khumalo.

Emdlalweni womlenze wokuqala owawuseLucas Moripe Stadium, ePitoli, i-Arrows yanqoba ngo 1-0 wegoli lakhe futhi uDion (Junior). Uma sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze yomibili kube ngu 3-3 nokuholele ekutheni iSundowns idlulele phambili kufayineli ngenxa yokuthi ishaye amagoli amaningi ekuhambeni.

Ekhuluma Nezinohlonze ngemuva komdlalo uDladla, uthe into engiyibonayo wukuthi abadlali bami badidwe yimithetho yalo mqhudelwano ukuthi kumiswa kanjani uma umdlalo uphele womabili amaqembu elingana.

“Angazi ukuthi kubuye kwenzakalani kubadlali bami ngoba ngaphambi komdlalo sikhulumile nabo futhi sabachazela ngemithetho yeMTN8 ukuthi izinto zihamba kanjani.

Kodwa ke kuyacaca ukuthi abayiqondanga kahle imithetho yalo mqhudelwano njengoba begijime bayojabula bonke ngesikhathi sishaya igoli lesibili esikhundleni sokuthi baphuthume ngokushesha baye esiyingini sesenta ukuyobeka ibhola ukuze kuqalwe kabusha ngokushesha.

Ngicabanga ukuthi njengoba bese sithole igoli lesibili ekugcineni komdlalo, bona ngokwabo bebezitshela ukuthi umphumela usuvuna thina kanti bekungenjalo.

Nangemuva komdlalo bakhombise okukhulu ukudideka ukuthi kwenzakalani ikakhulukazi uDion (Junior) njengoba bebengaqondi ukuthi umphumela uvuna iSundowns ekutheni iqhubekele phambili,” usho kanje uDladla obeqeqesha iDurban City ngesizini edlule.

UDladla ube esephawula ngomdlalo wathi:”Nakuba sihluliwe kulo mdlalo kodwa ngiyajabula kakhulu ngendlela esidlale ngayo kuyona yomibili imilenze kwazise besibhekene neqembu elikhulu.

Angibasoli kakhulu abadlali bami ngomphumela esiwutholile, sidlale kahle kakhulu. Ngiphinde futhi ngibongele neSundowns ngokufinyelela emdlalweni wamanqamu”

Emdlalweni wamanqamu iSundowns isizotholana phezulu ne-Orlando Pirates, mhla zili-10 kuMfumfu (October) eMoses Mabhida Stadium, lapha eThekwini.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *