Kubuye ithemba kwizisulu zezikhukhula
1 min read

Kubuye ithemba kwizisulu zezikhukhula

Intatheli: Norma Duma

Umphakathi wakwaNongoma uyibone ngamehlo intuthuko ngesikhathi uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezindaba zoDabu (COGTA), uThulasizwe Buthelezi, evula izindlu ezilishumi (10) emindenini eyakhahlamezwa izikhukhula ngonyaka ophelile.

Lemi ndeni eyishumi yakhelwe izindlu ezibuyisa isithunzi somuntu, njengoba yalinyalelwa amakhaya ayo ngezikhukhula zika-2025. Umnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezindaba zoDabu ube usungenelela, wasebenzisana nomnyango wezezinhlekelele kanye namakhosi nezinduna zendawo ukuze bathole indawo yokwakhela le mi ndeni.

Omunye wabahlomulile, uNksz Nokuthula Mthethwa, uhluleke ukuzibamba ngesikhathi enikezwa ukhiye wendlu yakhe, kwehle izinyembezi ezihambisana nenjabulo.

Ngesikhathi abezindaba bexoxisana naye, uthe: “Ngibonga ukusinda kuleya nhlekelele yezikhukhula. Indlu yami yavele yahlukana phakathi silele. Besilokhu sicuphe ezihlobeni nasemahholo omphakathi, kodwa namuhlanje izinyembezi zesuliwe ngokuthola indlu entsha enhle kakhulu kunale ebenginayo. Kwafakwa nefenisha, ngaphezulu kwakho konke sakhelwa norondo. Isithunzi sibuyile,” kusho uNksz Mthethwa.

UNgqongqoshe uphinde wabuyisa ithemba kubantu bakwaNongoma. Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe, uthe njengoba engowokuzalwa eNongoma, uyohlezi eletha intuthuko kubantu bakhona.

Uphinde wathi maduzane nje uzohambela ezweni laseChina ukuyonxenxa leya country ukuba izovula amafemu eNongoma ukuze intsha nabantu bendawo bezothola imisebenzi, kuthuthuke nomnotho wendawo.

“Singumnyango olwela inqubekelaphambili kubantu abasibeka ezikhundleni; sisebenzela bona. Lukhona nohlelo lwe-EPWP esesililethile kwintsha yendawo ukuze ikwazi ukuphila,” kusho uNgqongqoshe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *