
NguMusawenkosi Mpofana
Uwotha ubovu umphakathi waseMlazi ka-V ngenxa yamapayipi ahambisa indle aqhumile, lapho indle iziginqikela obala.
Kuyashaqisa ukubona abahlali nezingane bephila ngaphansi kwesimo esinje, lapho ingqalasizinda ixegaxenga ngalolu hlobo oseluphenduke isigayigayi sokubeka izimpilo zabahlali engcupheni yokungenwa izifo kalula. Ezinohlonze zihambele umphakathi wakwa-V, sazithela kuzikhalazo zamalungu omphakathi acele ukuba amagama awo agodlwe ngenxa yokuvikela izimpilo zawo. Bekhala ngokuthi bahlala emijondolo bafakelwa ugesi namanzi, kodwa amapayipi okuhambisa indle ayingqinamba.
“Kudala laya mapayipi afa ebulawa izikhukhula. Sabika kubaphathi-mandla kodwa kwanhlanga zimuka nomoya, okusiphatha kabuhlungu. Izingane uzithola zidlala ngayo indle ngoba ihamba obala zona azazi lutho,” kuchaza umhlali, eveza nokuthi izingane zabo zikhwehlela into engapheli ngenxa yalobu dedengu obukule wadi.
Uqhube wachaza ngomunyu ethi: “Abaphathi-mandla namakhansela abasondeli nokusondela kule ndawo. Bamemeza kude le ngemibhobho ngenxa yokuyovota. Sivotelani sihamba siphambana nendle?”
“Lalingcono izwe lisaphethwe abelungu. Hhayi indlu yakithi emnyama ayinandaba nathi, ikakhulukazi thina esingathathi ntweni. Bazibonela izidwedwe nje zokubambisa ivoti, bese kuyakhohlwa ngathi,” ksho ilungu lomphakathi. Amalungu omphakathi aqinisekise ukuthi bona bayobamba umbhikisho ngawo umhla wokuvota uma isimo sisaqhubeka kanje.
Kugeleza amanzi, amaphompi ayavuza namapayipi ahambisa indle abhobokile, kanti izindlela zokuhamba zithubeleza phambi kwezindlu. Le wadi isalele emuva kakhulu ngentuthuko. Umphakathi ucela ukushintshelwa ikhansela labo abaligcina esigxotsheni ngenkathi kuvingqwa. Bathe noma iqembu elibusayo lingaqhubeka libuse, kodwa ikhansela lamanje likaWadi 80 abalidingi.
Umphakathi uveze nokuthi uphila nezigelekeqe ezaziwayo nezangatshazwayo ezingaboshwa futhi ezesatshiwayo.
“Maningi amacala esesiwabekile okukhuthuzwa, ukugqekezelwa nokuhlukunyezwa ngokobulili kodwa akwenzi mehluko. Sesesaba nokubabika ngoba umuntu uboshwa namhlanje, ewosontweni elizayo usededelwe. Ukuphepha kwezingane zethu kusengcupheni,” kuchaza ilungu lomphakathi.
Umphakathi ucele ukuba kuphuthunyiswe ukulungiswa kwale nkinga yendle engakafiki umhla wokuvota.
