I-SAPWA ISINGATHA IMIKLOMELO YOKUQALA YAMINYAKA YONKE YE-POSITIVE WOMEN & GIRLS ETHEKWINI

Intatheli: Norma Duma
Ubusuku bebubuhle abantu besifazane bengqoke benconsa ukuzithamela umcimbi wokuqala, ozoba khona minyaka yonke, wokubungaza abantu besifazane abaphila nesandulela-ngculazi (HIV/AIDS). Lona umcimbi ububanjelwe kwelinye lamagumbi ekubanjwa khona imihlangano kanye nezinkomfa eMoses Mabhida Stadium, uMasipala weTheku iwona oxhase lona umcimbi.
Inhloso yalo mcimbi ukubungaza izishoshovu, amanxusa kanye nabantu abanoqobo behlaselwe izifo ezahlukene, nokubalwa isifo sofuba (TB) nesifo somdlavuza (Cancer). Lolu hlobo lwabantu besifazane luhloniphekile, lwaphumela obala alwangafihla izifo ababhekene nazo, akgcinanga lapho baphinda balwela amalungelo abantu asebethelelekile. Laba omama abanye babo bazithola sebehaqwe izifo ezingalapheki.
Lamaqhawekazi abhukula aphuma engena efundisa ngalezizifo emphakathini. Abanye baphumela obala kuseyihlazo ukuthi banesandulela-ngculazi, yize abanye bathola ukucwaswa ngokuba nalesifo, lokho akubadikibalisanga baqhubeka besabalalisa ulwazi, baphinda beqhwashisa abantu ngalezi zifo.
UGogo Silungile Mtambo, umsunguli we-SAPWA okuyinxusa labesifazane eNingizimu Afrika aphila nesifo sesandulela-ngculazi, wafikelwa umbono wokuthi njengoba kuyinyanga yabantu besifazane kungakuhle ukuthi kube nomcimbi walolu hlobo ozobungaza abantu besifazane abenze ushintsho kubantu kanye nasemphakathini. ” [Kube] njengesinyathelo sokuqala sokuhlonipha labo abaye babekezelela ukucwaswa, nabaqhubeka nokusebenzela imiphakathi yabo,” kusho uGogo.
Ubusuku bube yimpumelelo enkulu, njengoba lona umcimbi ubungangxilanga eKZN kuphela bekunezihambeli ebezibuya kwezinye izifundazwe nokubalwa i-North West, Northern Cape, Mpumalanga, Gauteng, Free State kanye naKwaZulu-Natal.
Phakathi kwalabo abahlonishwayo bekukhona abesifazane asebehlale negciwane lesandulela-ngculazi iminyaka engaphezu kwengu-30 neminyaka engaphezu kwengu-10, abasinde kumdlavuza, abasinde kudlame olubhekiswe kubantu besifazane (GBV), nabanakekeli bomphakathi ababambe iqhaza elikhulu ekufundiseni imiphakathi ngendlela yokuphila kahle enempilo enesithunzi.
UNksz Selina Hlabahlaba obuya e-Free State, ongumama wabantwana abathathu (3) kanye nomzukulu oyedwa (1), uyisishoshovu sokulwisana nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane, aphinde abe ngomunye wabantu besifazane owaphunyuka kulesi sihlava sokuhlukunyezwa. Uthe: “Ngijabule kabi ukuthola le ndondo yokubongwa umsebenzi engiwenzayo.”
UDokotela Jabu Ngongoma uthe ubengalindele ukuthola indondo, lokho kumangazile kanti futhi wajabula. Njengomunye wabantu ababa yingxenye yokusungulwa kwe-SAPWA, kuyintokozo ukubona abantu besifazane bephumela obala belwisana nalesi sihlava. Uphinde wathi: “Uma usutholakele ukuthi u-HIV positive kuyaphileka nalesifo, akusona isigwebo sentambo.”
Kulindeleke ukuthi lona umcimbi ubekhona minyaka yonke, uphinde ubemkhulu nezinga likhuphuke kakhulu. Abantu abaphila nezifo nokuhlukumezeka bayanxuswa ukuba baphumele obala, usizo lukhona. I-SAPWA iyinhlangano esiza umphakathi kuzo zonke izifundazwe.
