Uhambo lwase Wushwini Pan Arts for Culture and Heritage.
1 min read

Uhambo lwase Wushwini Pan Arts for Culture and Heritage.

Intatheli: Norma Duma

I-Wushwini Pan Arts for Culture and Heritage KwaZulu-Natali, lena indawo ecebile eseNanda, nebhekene neNanda Dam. Lendawo icebile ngomlando kanye namagugu.

Usuku lubeluhle njengoba bekunendumezulu wombukiso wamaciko ekhangisa ngemisebenzi kanye namakhono abo. Lomcimbi bekungowokuphothula uhambo olwaqalwa ngoNtulikazi eThekwini.

Umqondisi nokuyena ohlele lomcimbi, uNksz Lumka Mlambo, uthe kuyintokozo kuye ukubona umcimbi uba yimpumelelo. Uphinde wathi, “Saqala loluhambo singaphezu kuka-40, kwathi ngendlela abanye basala, sangcina sesiyi-production encane, kodwa lokho akusidikibalisanga,” kusho uNksz Mlambo.

Abadwebi abasabancane bakhombise amakhono abo ngesikhathi bekhangisa ngezithombe zabo. USphamandla Mkhize ungomunye wabapendi abasabancane nabakhombisa elikhulu ithalente ngomdwebo wakhe. UNksz Sinobomi Vutha, ongumdwebi, uthe yena uvakashela izindawo lapho kulahlwa khona udoti acoshe izinto abona ukuthi angazisebenzisa ukudweba aphinde agqugquzeleke, njengoba ukudweba kuyinto ayithandayo nayifundela.

Igumbi negumbi linobuciko balo, kanti itiyetha ilapho luphelele usuku khona kunama-live performances ahlukene, umculo kanye nomdanso. Izihambeli kanye nabezindaba bathamele umdlalo weshashalazi, i-show stopper, obizwa ngo-UNWELE. Lomdlalo wasesiteji ushiye izihlwele zisalangazelele ngenxa yobumnandi kanye nemlayezo okulomdlalo, nohambisana nesifundo esibhekiswe kubantu ukuthi baziqhenye ngezinwele zabo. Lomdlalo ufundisa ukuthi uzingqaje ngomuwena. UNWELE ukuhlonza ngemvelaphi yomuntu omnyama.

Lomcimbi ububizwa nge-Fully Loaded Experience (FLE).

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *