AMAZULU FC ATHATHA ISICOCO SE-PREMIERS CUP 2026
1 min read

AMAZULU FC ATHATHA ISICOCO SE-PREMIERS CUP 2026

Intatheli: Norma Duma

Amalungu omphakathi ase-Clermont namaphethelo aphume ngobuningi ukuzithamela umlenze wokuqala womncintiswano we-Premiers Cup e-Sugar Ray Xulu Stadium.

Amaqembu ebhola lezinyawo ase-KZN aphume ayolwela indebe. Kodwa-ke, ngaphezu kwendebe, umqhudelwano ubumayelana nokunika abadlali abasebancane inkundla kanye nokuhlanganisa abantu.

Kusukela emidlalweni yamaqoqo ekuseni kuya kowamanqamu ngoMgqibelo e-Sugar Ray Xulu Stadium, abalandeli babemincile bedla izinzipho ngesikhathi amaqembu etholana phezulu:

  • Golden Arrows 0–1 Milford FC
  • Durban City FC 0–1 Richards Bay FC
  • AmaZulu FC vs Midlands Wanderers

Umlenze wesibili ubuse-Princess Magogo Stadium, eLwandle (eKwaMashu). Abalandeli bebhola baphume ngobuningi bezobukela ibhola kwazise phela bekungunwamalala, inkundla yona igcwele ibhuqabhuqa. I-Milford FC yanqoba i-Richards Bay FC ngo 2-1, kwase kuthi kowamanqamu zabambana zayekana i-Milford FC no-AmaZulu FC, nayilapho AmaZulu FC anqobe ngo 2-1 athatha isicoco, aba ngoshampiyoni be-Premiers Cup 2026.

Inselelo Nentokozo Kumengameli

Umengameli weqembu Usuthu (AmaZulu FC), uSandile Zungu, uthe kuyamjabulisa ukunqoba kweqembu lakhe, yize izingqinamba zisenkulu. Phakathi kwazo ubalule ukuswelakala kwabacingi bamathalente (talent scouts) ezindaweni zasemakhaya, nemali nengqalasizinda edingekayo kubhola labesifazane ukuze kufinyelelwe empumelelweni.

Ukuthuthukiswa Komnotho Wetokishi

Undunankulu wase-KZN, uThami Ntuli, ngesikhathi enikeza abadlali izindondo, uphawule ukuthi le midlalo ivundulula ithalente eliningi, njengoba behambela nasezikoleni ukuyofuna abadlali abanethalente. Uthe uyajabula ukubona amaqembu akulesi sifundazwe ekhula; lokho kunikeza ithemba, kuphinde kukhuphule umnotho waselokishini.

Abahleli bathi inhloso wukuqhakambisa ukuthuthukiswa kwentsha nokugcina ithalente lingapheleli emigwaqweni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *