
Intatheli: Norma Duma
UMasipala iLembe ahambisana ne Lembe Umtelebhelo Horse Racing Association bathule ngokusemthethweni umjaho womtelebhelo ozoba seNdwedwe entabeni yase Khenana. Lokhu kuvele ngesikhathi bebize isithangami sabezindaba e Relax Inn.
USihlalo Wezemidlalo, uNksz Thandeka Khuzwayo ongu Secretary we ILembe Umtelebhelo Association, uthe amalungiselelo asemi ngomumo ngomjaho ozoba ngeSonto 16, August 2026. Kulonyaka bahlele ukuba nemijaho enguhlanu (5) eyahlukene, nokuzobakhona umjaho wabantu besifazane. Uphinde wathi imikomelo ayikaqinisekiswa inani ngoba basalinde abaxhasi abasazogcwalisa kwimikomelo. Kuzoqalwa ngo 10 ekuseni, kuzoba nemikomelo ezotholwa abantu abazoba ngabokuqala kwabantu abangu 100. Izinga lilindeleke ukuthi linyuke kakhulu kulonyaka, njengoba kuzobe kuboshelwe abaculi abadumile ukuzoncadisa. Yize ezemfashoni sizobe zingekho, kodwa abantu bengeza nemisebenzi yabo bezokhanyisa, kusho uKhuzwayo.
Okhulumele Umtelebhelo Association we Lembe, uMnuz Bheki Mathobela, uthe nabo bayathanda ukukhula, lomtelebhelo ugcine usufinyelela kwizinga lo Durban, Dundee July, baphinde babone ungenelwa nawabantu bakwezinye izifundazwe.
IKhansela uNzuzo Chamane, Chairperson of Youth Art Culture and Sport Subcomitte, uthe lemidlalo ibalulekile ezindaweni ezisemakhaya njengoba zibayingxenye ye rural development, lokho kuzokwenza nabantu be Lembe bathole amathuba emisebenzi nendawo ithuthuke. Umphakathi uyamenywa ukuba uphume ngobuningi njengoba kuzobe kungangenwa mahala, kanti nezokuthutha zizobe zikhona zithuthela abantu.
