OWESUNDOWNS UCACISA NGABADLALI ABASHA
1 min read

OWESUNDOWNS UCACISA NGABADLALI ABASHA

Intatheli: Sthembiso Ngobese

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, ucacisa ngabadlali bakamuva abasanda kusayiniswa yileli qembu lasePitoli eliphezu komkhankaso wokuvikela isicoco seCAF Champions League.

Ngempelasonto edlule amaBrazillians, amemezele ngokusemthethweni abadlali abathathu abasha, okunguThabo Cele osuka kuKaizer Chiefs, Thabang Matuludi obedlala kuPolokwane City kanye noDeano Van Rooyen yena obegijima ku-Orlando Pirates. UCele udlala enkabeni yenkundla bese kuthi uMatuludi noVan Rooyen bona bobabili badlala emuva ohlangothini lwasemuva.
UCardoso uthe ukulinyalelwa nguKhuliso Mudau ongenye yezinsika ezidlala emuva kuleli qembu kanye nokudlula ngokuzuma emhlabeni kukaJayden Adams obeyinjini yasesiswini, yikhona okuholele ekutheni bathathe isinqumo sokuqinisa iqembu ngalaba badlali abasha. Kanti laba bafica abanye abasha okungoSiyanda “Skhwishi” Ndlovu no-Antonio Van Wyk. Bobabili laba badlali babukeka bengene khaxa esitayeleni seDowns.


UCardoso uthe, isizini abayiqalanga kahle njengoba beshiywe ngu-Adams, baphinde futhi bazolinyalelwa nguMudau okubikwa ukuthi usazohlala isikhathi eside engalithinti ibhola ngenxa yokulimala eqakaleni. “Besingazimisele ukuthi sisayinise abadlali abaningi kule sizini kodwa ngenxa yesimo esingaphezu kwamandla ethu, sibone kuncono ukuthi sengeze ngabanye.Njengoba sishiywe nguJayden Adams,saphinde futhi salinyalelwa nanguMudau, bekufanele ukuthi siphinde siliqinise iqembu lethu. Ngijabula kakhulu ngalaba badlali abasha esisanda kubathola ngoba bangabeqophelo eliphezulu,” usho kanje uCardoso.

Lo mqeqeshi odabuka ePortugal uphinde wengeza ngokuthi:”Njengoba sizodlala nasemqhudelwaneni weCAF Champions League, bekumele impela siqinise iqembu lethu ngokuthi sengeze ngabanye abadlali kwazise le midlalo miningi kanti futhi iyabakhathaza abadlali ekuhambeni kwesikhathi.” KuSundowns uCele uzobanga indawo nabadlali abafana noMarcelo Allende, uTeboho Mokoena noBathusi Aubbas. Kanti uMatuludi noVan Rooyen bona bazobanga indawo noThapelo Morena noZuko Mdunyelwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *