19 October, 2026
2 mins read

Kwethulwe ngokusemthethweni I Dundee July 2026

Intatheli: NguNorma Duma Kubanjwe isithangami sabezindaba kuMasipala waseMandeni ngaphansi koMkhandlu weSifunda uMzinyathi. Inhloso yalesi sithangami kube wukupeqa amagula ngomcimbi omkhulu womtelebhelo wamahashi ozoba ngomhlaka-18 kuNtulikazi. IMeya yase-Endumeni, uKhansela Mcebo Mkhize, udalule izinhlelo zalonyaka mayelana nalo mcimbi omkhulu. Kulonyaka kuzobe kugujwa iminyaka engamashumi amabili nanye (21) lo mjaho wasungulwa. UKhansela ukuqinisekisile ukuthi yonke into isimi ngomumo, […]

1 min read

UNdunankulu ukonelise abasebenzi ngezindondo

Intatheli: Norma Duma IHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal lizishaya isifuba ngokwenza kahle ngokubona abaqokwe nabavelele emikhakheni yonke, okuhlanganisa i-CEO yonyaka, Inhloko yoMnyango wonyaka, Imenenja kaMasipala yonyaka kanye nesisebenzi sonyaka. Lendumezulu yomcimbi wemikomelo eba khona njalo minyaka yonke, nakulonyaka izinga beliseqophelweni eliphezulu njengoba bekukhona nokhaphethi obomvu lapha e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC). UNdunankulu ubonge waphinde wakhuthaza […]

1 min read

Indlela yakhe emculweni, kusukela emakhwayeni kuya ku-Solo Artist

Intatheli Sbusiso Mkhize Umlando wakhe emculweni uqale eminyakeni eminingi eyadlula, lapho aqala khona ukucula ngonyaka ka-1994 ne-D.O.C Isibusiso. Ngonyaka ka-2001, ube esesebenza neGalathia Ibandla Lenkosi lapho abengumculi we-backing, elandela amaciko amakhulu afana noThulani Mañana nabanye abaningi. Ngemva kokufunda kabanzi ngalomkhakha, ngonyaka ka-2018 ube eseqala uhambo lwakhe ngokusebenza eyedwa njenge-Solo Artist. Uqale ngaphansi kwegama elithi Shongwe, […]

1 min read

IZIMPI ZOHAMBO LWENKOLO YOBU-KRISTU: Uhambo olubuhlungu lwalowo okhule engenabo abazali nomluleki empilweni

Ukuhamba uhambo lwenkolo nobu-Kristu kunesisindo sakhona esikhulu, kodwa kuba nzima kakhulu uma lolu hambo uluhamba uwedwa, ungenaye umzali noma umluleki ongakuqondisa ngezikhathi zezivunguvungu zempilo. Lona ngumlando obuhlungu ovusa umunyu walowo obhekane nengqinamba yokukhula ngaphansi kwezimo ezinzima zomndeni nomnotho, kodwa namanje osalwa izimpi zokomoya nezempilo. Ukuphila kwakhe kube yinkundla yezimpi kusukela eseyingane encane. Umlando uveza ukuthi […]

1 min read

AMA-COWBOYS EZESAYONI AGCOKAMA ENKONZWENI YABANTU ABASHA EBISEGOLI!

Intatheli: Sbusiso Mkhize EGOLI – Kube yisicitho esiyingqayizivele eGoli ngesikhathi ibandla le-Trust in Christ Ministries libamba inkonzo yabantabasha ebibanjwe ngaphansi kwesihloko esithi “Cowboys and Cowgirls”. Lomcimbi, oholelwe yisithunzi somculi wamaZayoni osaziwayo emhlabeni jikelele njenge-ICON, u-Apostle Prof Vusi Gama, ubonge wonke umuntu obekhona. Izithombe ezisatshalaliswa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana, ezibalwa nalesisithombe esimangalisayo asifakiwe kwiphephandaba lethu, sibonisa umoya […]

1 min read

USUKU LWESIKHUKHULA: ‘UPhakelumthakathi’ Nemashi Yasemalungeni Bafunga Ukugcwala Izinkundla Njalo NgoLwesine

Ezinohlonze Reporter Inhlangano i-March and March, eholwa ngu Jacinta Ngobese Zuma ngokulekelelana noMnu “Phakelumthakathi” Ndabandaba, imemezele ukuthi izobamba iziteleka njalo ngosuku loLwesine ezinyangeni eziyisithupha ezizayo. Lokhu kudalulwe esithangamini nabezindaba esibambe umoya, kulandela imashi enkulu edle ngomoya wokuthula eThekwini emayelana nezokufika kuleli ngendlela engeyona emthethweni. Nakuba umbhikisho ubunokuthula, idrama ingasalanga ngaphandle. IMeya yaseThekwini uCyril Xaba nePhini […]

1 min read

UMEYA WETHEKU UKHWEZELWE UMLILO ESIGCAWINI SEMASHI

Intatheli: Msawenkisi Mpofana Kuthe lapho umashi uya ngasekupheleni, kusuke isidumo esikhulu ngesikhathi umethuli wezinhlelo (u-MC) ebiza izikhulumi ebezihambele lo mbuthano. Kuthe lapho kubizwa uMeya weTheku, uMhlonishwa Cyril Xaba, isixuku samemeza ngazwi linye sithi, “ASIMUFUNI LOWO!” Kube sekucaca ukuthi bekuzochitheka okugayiwe uma engase anikwe ithuba lokukhuluma nalesi sixuku sabamashi. Lokhu kwenze ukuthi, ngesikhathi eseyosayina incwadi yezikhalo […]

1 min read

TA ZUNGU WETHULA IZINCWADI EZINTATHU

UMBHALI nomholi ohlonishwayo, u-TA Zungu, ulungele ukwethula ngokusemthethweniizincwadi zakhe ezintathu ezintsha ezilindelwe ngabomvu, emcimbini omkhulu ozobaseMhlanga ngomhlaka 30 July 2026. Intatheli Sbusiso MkhizeEminyakeni eminingi edlule, uZungu ubenesifiso esijulile sokubhala nokushicilela izincwadi ezizoba yisisekelosokukhuthaza, ukufundisa, kanye nokushiya umthelela ongapheli nongaguquki ezimpilweni zabantu.Lokhu kuqalenjengephupho nje elihlanganisiwe laphinde labunjwa yizinto ayehlangabezana nazo empilweni, izinselelo zomhlaba, ukholo oluqinile, kanye […]

2 mins read

KUVUTHE AMALANGABI ETHORWOOD HALL: INTSHA YAKWAZAYONI IVUSELELWE NGEZINGA ELIPHEZULU EMBUTHWENI WE-IZCG

Ubuhle Nokuhleleka Kwe-Poster Yomcimbi Uma ujulisa amehlo kwi-poster ebihambisa lo mshado wokomoya we-Izenzo Zamaphilip Church (IZC), ubona ubuchwepheshe nezinga eliphezulu kakhulu lokukhangisa (graphic design). Ukuhleleka kwezithombe zabashumayeli nabahloli bomoya, imibala eluhlaza egqamile emele ifulegi nebandla laseZayoni, kanye nokubhalwa kwemininingwane ngendlela ecacile, kushiye umyalezo wokuthi lo mbutho bewungesona isiponji nje esijwayelekile. I-poster idale isithombe somcimbi ohloniphekile, […]