
Intatheli: NguNorma Duma
Kubanjwe isithangami sabezindaba kuMasipala waseMandeni ngaphansi koMkhandlu weSifunda uMzinyathi. Inhloso yalesi sithangami kube wukupeqa amagula ngomcimbi omkhulu womtelebhelo wamahashi ozoba ngomhlaka-18 kuNtulikazi.
IMeya yase-Endumeni, uKhansela Mcebo Mkhize, udalule izinhlelo zalonyaka mayelana nalo mcimbi omkhulu. Kulonyaka kuzobe kugujwa iminyaka engamashumi amabili nanye (21) lo mjaho wasungulwa. UKhansela ukuqinisekisile ukuthi yonke into isimi ngomumo, uphinde wathi bayawuthokozela kakhulu lo mcimbi ngoba ukhanda amathuba omsebenzi, uphinde ukhulise nomnotho wendawo.
Usihlalo we-Traditional Horse Racing and Breeding Association, uMnuz Menzi Buthelezi, uthe kusukela ngo-2005 iDundee July yasungulwa, isikhule kakhulu njengoba kulonyaka kuzoba nemijaho eyishumi nambili enamahashi angu-340. UShenge uthe umjaho abawubheke kakhulu ilona wabantu besifazane, otshengisa ukuthi umjaho wamahashi uyakhula nabo njengoba sebenezigaba ezimbili ezihlukene. Uphinde wanxenxa abantu ukuba baphume ngobuningi ukuzothamela lo mjaho, njengoba begabe ngehashi u-Scefe eligitshelwa nguNokubonga Gamede nowanqoba kumjaho wabesifazane ngo-2025. Kanti kulindeleke ukuthi imfivolithi u-Nxakanxaka ivikele isicoco sayo.
UNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuciko namaSiko we-KZN, uMntomuhle Khawula, ngesikhathi ethula inkulumo yakhe uthe lo mtelebhelo wamahashi awungcini nje ngokuheha abantu bakuleli, kodwa uheha nabanye abaqhamuka emazweni angaphandle. Uphinde waqinisekisa ukuthi izilwane zivikelekile kwisifo samatshwele. UNgqongqoshe uphinde wakhuluma ngokubaluleka kwalo mjaho, njengoba kulonyaka uzoba ngosuku olukhulu lapho kuyobe kugujwa usuku lokuzalwa kalowo owayenguMongameli wokuqala wentando yeningi, uTata Nelson Mandela.
“Kulonyaka sibophele kakhulu kwezikaqeda isizungu, kanye nekhonsathi yosomahlaya. Kuqopheke umlando njengoba izinga likhuphuke lafinyelela ku-R2.5 Million emalini yombuso, sekushoda kancane njengoba sizimisele ukufinyelela ku-R3 Million emalini yombuso. Kulonyaka sizobe sisingethe izifundazwe eziyisishiyagalolunye kanye neLesotho kule midlalo, kanti abantu abaphuthume bebhuke izindawo zokulala ngoba zizophela, mase bezithola besele dengwane njengoba kuzobe kushikisha ufudu, uxamu ushaya izandla,” kusho uNgqongqoshe.
“Elegantly African”—kuligi yisiqubulo salonyaka, njengoba sazi ukuthi lo mcimbi awuphelele ingekho ingqephu. Nebala, abezemfashoni nabo bebekhona ukuzokhangisa ngamazwibela angosuku olukhulu. UMakhosi Ntshangase, odabuka eningizimu yesifundazwe ePort Shepstone nongumthungi wengqephu we-Sistaa Fela, uthe sebebile ngomumo ukukhangisa ngengqephu esekulungele ukugqokwa noma ikuphi. Omunye wabakhangisi, uSilungile Mokoena we-Sluvin Designs osebenzela enkabeni yeTheku, uthe okokuqala nqa emlandweni weDundee July lapho kuzobe kukhangiswa ngemfashini yezingane. Uthe lezi zimpahla ezobe zimodelwa izingane, uhlose ukuthi ziziqhenye uma zigqoke lezi zimpahla.
