
Intatheli: NguNorma Duma
I-Hollywoodbets Durban July kanye ne-Racecourse ibambe indumezulu yomjaho wamahashi odume umhlaba wonke jikelele. Izinkulungwane zabantu beziphume ngobuningi ukuzothamela lo mjaho wamahashi i-Durban July eyasungulwa ngonyaka ka-1897, kanti kulokhu ibigubha iminyaka engu-130.
Ihashi elidle umhlanganiso ngu-Note to Self, ebeluyimfivolithi lifunwa ngabaningi, kanti beligitshelwe nguRichard Fourie. Leli hashi elineminyaka emithathu vo ligile izimanga enkundleni yomjaho eGreyville, lapho lishaqe khona imali yomklomelo elinganiselwa ku-R10-million.
Ngasohlangothini lwezemfashoni, uMlungisi Ndlovu, ongumfundi waseDurban University of Technology (DUT) nongomunye obexhaswe yiMetro FM, uwine indondo ye-Young Designer Awards. Uhlabe umxhwele amajaji ngegqephu yakhe engxile kwisitayela sangaphansi kwesiqubulo ebesithi “Country Allure”, lokho okuchaza izigqoko zama-cowboy kanye namabhuzu.
Kanti osaziwayo bakuleli nabo bebeviliyele bedle igqephu, belandela itimu yosuku i-Country Allure. Phakathi kwabo kubalwa uLerato Kganyago obegqokiswe nguGert-Johan Coetzee igawuni ekhuthazwe yi-V-Class (V-Class-inspired gown), uMakazole Mapimpi obegqokiswe nguDavid Tlale, kanye noBrian Baloyi owaye ngunoziti weKaizer Chiefs.
Omunye wabathungi odabuka khona la eThekwini, uThobekile Sokhela, ubegqokise abanye osaziwayo khona la eThekwini. Uthe kuyintokozo enkulu ukubona umsebenzi wezandla zakhe ubeyimpumelelo. Ukusho lokhu nje, ngenyanga eyedlule ube ne-Fashion Show ngosuku lokugubha intsha, uJune 16, ebungaza abantu abasha nokubagqugquzela kwezemfashoni.
