
Intatheli: Sbusiso Mkhize
Abnantu abawuvali umlomo ngabakufithe enkonzweni yokugcina kuphelezelwa uGogo Thokozani Majola. Impela kuliqiniso ukuthi umuntu ungamehluleli ngaloko okubona kulingene amehlo nengqondo yakho, ngoba uNkulunkulu akabhekinjengoba abantu bebuka. Kumangazile ukuzwa abefundisi abahlukahlekene beveza umuzwa ofanayo ngoGogo Thoko.
Intatheli ye Ezinohlonze icaphune uMbhishobhi uNgcongo webandla le Izenzo ZamaPhilip ebaka kanje: UGogo Thoko ngizokhuluma ngesibindi ngoba ngiyamazi, futhi yimi owokuqala owamthathisa wamufundisa ivangeli. Ngabe ngikhuluma okuningi, kodwa ngihlushwa yilento yokuthi kunohlelo olungilawulayo. Kodwa hamba kahle ntombazane siyobonana uma senze kahle, amazwi abeqhamuka kuMbhishobhi ungcongo.

Kanti uMbhishobhi uShamase owumholi webandla lase Holy odabuka ePMB naye futhi ukhulume okufanayo nokukhulunywe uMbhishobhi wokuqala, wase edlulisa amazwi okubonga athi: Siyabonga kakhulu mkhulu Ngcongo ukuthi usifundisele uGogo Thoko ivangeli, ngoba bezikhona izinkomba zokuthi ufundiseke kahle loGogo uma efika ebandleni. Kanti futhi ukuvezileke ukuthi bona njengebandla abamuxwayi nje umuntu ozidlela amanzi (PHUZAYO) kodwa bayamucathulisa aze ayibone indlela ecacile yevangeli.


Kantike kusukume nobaba uBheki Mfeka owayeyikhansela lendawo wakhuluma amazwi amnandi kakhulu eveza ukuthi bakhulele kuye uGogo Thoko, ubewumngani kakhulu nomama ozala yena. wathi ngabe kuningi akukhulumayo ukube isikhathi besikhona.
Impela kuyaqinisekiswa ukuthi bekungumuntu wabantu uGogo Thoko, bonke bebezosho ukuthi uNkulunkulu amuphe umphumulela wafuthi nokukhanya kwaphakade kumkhanye.
