TA ZUNGU WETHULA IZINCWADI EZINTATHU
1 min read

TA ZUNGU WETHULA IZINCWADI EZINTATHU

UMBHALI nomholi ohlonishwayo, u-TA Zungu, ulungele ukwethula ngokusemthethweni
izincwadi zakhe ezintathu ezintsha ezilindelwe ngabomvu, emcimbini omkhulu ozoba
seMhlanga ngomhlaka 30 July 2026
.

Intatheli Sbusiso Mkhize
Eminyakeni eminingi edlule, uZungu ubenesifiso esijulile sokubhala nokushicilela izincwadi ezizoba yisisekelo
sokukhuthaza, ukufundisa, kanye nokushiya umthelela ongapheli nongaguquki ezimpilweni zabantu.
Lokhu kuqale
njengephupho nje elihlanganisiwe laphinde labunjwa yizinto ayehlangabezana nazo empilweni, izinselelo zomhlaba, ukholo oluqinile, kanye nezifundo ezibalulekile zempilo—
ekugcineni sekuyinto ebonakalayo nefezekile.
Ekhulumisana noyintatheli yezindaba Ezinohlonze media, uZungu uzwakalise ukuthobeka okukhulu ngokubona imicabango yakhe ijika iba
yizincwadi ezishicilelwe ezizofika kubafundi. “Leli qophamlando lingikhumbuza ukuthi ukubekezela, ukholo,
nokungaguquguquki kungajika izifiso zesikhathi eside zibe
yizimpumelelo ezibambekayo neziphathekayo ezandleni zomphakathi,”kusho yena”. Ngibheke ngabomvu ukwabelana ngalezi zincwadi nabafundi, ngethemba ukuthi incwadi ngayinye izogqugquzela ukuzicabangela okujulile, imicabango eyakhayayo, nezingxoxo ezinengqondo ezizoholela oguqukweni oluhle empilweni.” — TA Zungu
Lo mcimbi wokwethulwa kwezincwadi uyithuba
elingavamile emphakathini ngenxa yokuthi kungenwa
mahhala (Free Entry). Labo abazobe behambele lo mcimbi bazothola nethuba lokuxhumana nombhali uqobo lwakhe kanye noku-
thola lezi zincwadi ezintathu ezinezihloko ezihlukene kodwa ezihlanganyela emgqomeni owodwa: ukwakha nokushintsha isimo somuntu sibengcono kunaloku esiyiko njengamanje.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *