1 min read

USUKU LWESIKHUKHULA: ‘UPhakelumthakathi’ Nemashi Yasemalungeni Bafunga Ukugcwala Izinkundla Njalo NgoLwesine

Ezinohlonze Reporter

Inhlangano i-March and March, eholwa ngu Jacinta Ngobese Zuma ngokulekelelana noMnu “Phakelumthakathi” Ndabandaba, imemezele ukuthi izobamba iziteleka njalo ngosuku loLwesine ezinyangeni eziyisithupha ezizayo. Lokhu kudalulwe esithangamini nabezindaba esibambe umoya, kulandela imashi enkulu edle ngomoya wokuthula eThekwini emayelana nezokufika kuleli ngendlela engeyona emthethweni.

Nakuba umbhikisho ubunokuthula, idrama ingasalanga ngaphandle. IMeya yaseThekwini uCyril Xaba nePhini likaNgqongqoshe wamaphoyisa uCassel Mathale bahlangabezane nolaka lomphakathi obukhahlele ngemfe ngesikhathi bezama ukwamukela imemorandamu, okwenze basuswe ngezokuphepha masinyane.

Esephawula, uPhakelumthakathi uthe bona njengabaholi bazamile ukulamula, kodwa ulaka lwabantu belunamandla.

“Siphoxile abaphrofethi bemihlola abebelindele udlame nokuphangwa kwezitolo okufana nango-2021. Thina silwela umthetho. Sifuna kusetshenziswe ama-drone nezimoto zokugada imingcele, futhi kubekwe abemi bakuleli phambili ezikoleni, ezibhedlela, nasezindaweni zamabhizinisi,” kusho uNdabandaba.

UJacinta Ngobese-Zuma ugcizelele ukuthi isando sizoshaya njalo ngoLwesine kuze kube uhulumeni unikeza izimpendulo ezibambekayo. Lolu daba selubeke ezokuphepha nezombangazwe zasemadolobheni ngaphansi kweso elibukhali lomphakathi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *