Umangaze umhlaba Mnu TA Zungu ekhiqiza izincwadi ezintathu ngesikhathi esisodwa.
2 mins read

Umangaze umhlaba Mnu TA Zungu ekhiqiza izincwadi ezintathu ngesikhathi esisodwa.

Owokudabuka eMpangeni ngokuzalwa uMnu Thabani Abrahama Zungu, imisakazo kanye nezinye izinkundla zokuxhumana zimufuna ubuthaphuthaphu, ungena uyaphuma emisakazweni ehlukene bafuna ukuthola ukuthi wenze kanjani ukufinyelela kulelizinga lokukhipha izincwadi ezintathu(3) ngesikhathi esisodwa.

Intatheli: Sbusiso Mkhize.
Sithe umasihlala phansi nomfoka Manzini sifisa ukuthola ukuthi yini lena ebimgqugquzela kangaka ukuthi athi nje eqala ekhiqiza incwadi wabe esesukuma nezintathu ngesikhathi esisodwa. Ubesesilandisa ngokuthike; wonke lomqulu esiwubonayo futhi nakuba sibabaza ukuthi muningi, kodwa yena uthi awukapheleli. Uthike into emenze wafinyelela kulesisigaba kubangelwe wuhambo lwempilo adlule kuyo. Uma eyiqala nje indaba yakhe ukhethe ukuyiqala ngesikhathi eshiywa ngabazali bakhe eneminyaka eyishumi nesithupha(16) okuyilapho azibona khona ukuthi eskumele angiphili impilo yokuba ngumntwana. Uthi kunamazwi akhulunywa ngumama omzalayo afana nesiphofetho kuye athi; “umntanami uyophila impilo yomntakabani, uyohlala emzini okuqale kumemezwe ungaphandle mawufuna okuthile, uyozilawulela amabhizinisi wakhe”. Uthike makeqhubeka eyilanda indaba yakhe uManzini; lawo mazwi angidla ngabona ukuthi asisekho isikhathi sokuba ngiphile impilo yokuba umfana kumele ngikhule ngibe yindoda.

Kunomalume wami owangifumbathisa isikhali okuyiso esangibeka langikhona. Ekukhuleni kwami kuhambe kwafika isikhathi lapho umalume enginika isinkwa sokufunda ukudlala “keyboard” wase eyakubeka kimi ukuthi, loku kuyoba isinkwa sakho impilo yakho yonke. Kodwake ukudlala nakkho futhi akunginikanga imali kodwa kwangihlanganisa nabantu bahlukene ababewusizo kimi. Mangisuka ekhaya eMpangeni ngeza eThekwini ngizozama impilo ngafunda ngangena eKolishi, futhi nalapho kwakungelula ngoba ngangisizwa ilemadlana engangiyithola uma kade ngidlala ikhibhodi esontweni. UNkulunkulu emuhle ngafunda ngaqhubeka, ngagcina sengithola nemisebenzi njengoba ngisebenza nje umsebenzi wezinkontileka, kanye neminye imisebenzi. Kodwa kahlekahle okuyiwona msebenzi engingaphansi kwawo NTS EMPIRE, okuwumsebenzi owasungulwa yimi uqobo. Ngokuzinkulumo zikamama ongizalayo, ngathi nje uma ngifika esigabeni sokuthola isigidi semali “1 million” ngavele ngayofezekisa isifiso sikamama, ngakha umuzi kulendawo ayeyikhomba okwakungeyakamakhelwane. Futhi nakhona ngafike ngabacela ukuthi bangilekelele ngiyithenge ukuze ngifeze isicelo sikamama.

Engingakushoke ukuthi, zonkeke lezizincwadi ziqukethe uhambo lwempilo engidlule kulo. Kimi sengingakwazi nokweluleka umuntu uma kunezimpi ezimhlaselayo, ngimtshele ngokungangabazi ukuthi kuyahambeka. Ukulandelana kwamagama ezincwadi ami kanje, “THE ART OF BUSINESS SUPPORT, THE STATE OF MIND IN ADVERSE SEASON, THE RELIGIOUSE BETTLE”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *