
Intatheli Sbusiso Mkhize
Umlando wakhe emculweni uqale eminyakeni eminingi eyadlula, lapho aqala khona ukucula ngonyaka ka-1994 ne-D.O.C Isibusiso. Ngonyaka ka-2001, ube esesebenza neGalathia Ibandla Lenkosi lapho abengumculi we-backing, elandela amaciko amakhulu afana noThulani Mañana nabanye abaningi.
Ngemva kokufunda kabanzi ngalomkhakha, ngonyaka ka-2018 ube eseqala uhambo lwakhe ngokusebenza eyedwa njenge-Solo Artist. Uqale ngaphansi kwegama elithi Shongwe, lapho akhipha khona i-albhamu yakhe yokuqala ethi ‘Ngisize Jesu’. Kule albhamu usebenze kakhulu noTshepo Ndzimande ngaphansi kwenkampani iZuzmuzi Music.
Okwamanje usethula i-albhamu yakhe yesine emlandweni wakhe womculo, enesihloko esithi ‘Ngithanda Ukucala La’. Lolu hlelo olusha luyatholakala kuzo zonke izinkundla zomculo eziku-inthanethi, kubalwa neSpotify. Ubesebalula ukuthi angeke akulibale ngaphandle ukubonga kubaholi baseZayoni abamesekayo emculweni kanye nenhlangano yamaZayoni ebizwa ngokuthi “Zion Music Business” kanye nomgqugquzeli wayo uMnu Dube owenza umsebenzi we(PR)

Sibonga uMdala wezinsuku kukho konke, musa uthando asenzela khona. Ningabantu enisilethela ntshumayelo through umculo, nelaphe imiohefumulo eminingi ezwen lonke. Phambili ngomculo phambili
Pholoba Mashiyamahle siyabonga